Inkantolo iyalele uMusa Khawula ukuba axolise kuJulius Malema

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ijaji eGoli litshele uMnuz Musa Khawula ukuthi akhiphe izitatimende ezingelona iqiniso ngoJulius Malema ezinkundleni zokuxhumana.

UKhawula kumele athumele isixoliso engakapheli amahora angu-24 bese ekhokha zonke izindleko zecala eliphuthumayo eliqulwe ngoLwesibili.

INkantolo eNkulu yaseGauteng, eGoli, iyalele uMusa Khawula ukuba esule imibhalo ayibhale ezinkundleni zokuxhumana engelona iqiniso ngoJulius Malema nomkakhe.

NgoLwesibili inkantolo inqume ukuthi uKhawula wephule umthetho walimaza nesithunzi sezithandani.

UJulius Malema noMantoa Matlala Malema bayisa uKhawula enkantolo mayelana nezinsolo azisho ngomshado wabo. Inkantolo iluthathe njengoluphuthumayo lolu daba.

Ijaji litshele uKhawula ukuthi azisuse lezi zinkulumo, ayeke ukuphinda lezi zinsolo. Angaphinde asho izinkulumo ezifanayo ngabashadikazi.

UKhawula unamahora angu-24 okuthi asuse izitatimende zakhe futhi athumele isixoliso esebenzisa igama lakhe. Isixoliso kuzofanele asifake kuma-akhawunti akhe ezinkundla zokuxhumana.

Isinqumo senkantolo sithe kumele axolise ngokuzendlala mayelana nalezi zinsolo kanye nangokuzifaka ezinkundleni zokuxhumana.

Kufanele futhi athumele isixoliso kunoma iyiphi inkundla yezokuxhumana nezinkundla ze-inthanethi ezabelana ngezinsolo zakhe ezingamanga.

Inkantolo ivumele abameli ukuthi bathumele amaphepha omthetho kuKhawula nge-email nasezinkundleni zokuxhumana ngoba icala liyaphuthuma.

UKhawula kumele akhokhe zonke izindleko zecala. Lokhu kuhlanganisa nemali eyasetshenziswa umndeni wakwaMalema kubameli bawo.

Osesithombeni esingenhla: Musa Khwawula. 

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva