Inkantolo ichithe isicelo sebheyili sikaMagudumana

Isicelo sebheyili sikaDkt Nandipha Magudumana sichithiwe eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoMsombuluko.

IMantshi u-Estelle De Lange, ekwahluleleni kwayo izwakalise ukukhathazeka ngokuthi uMagudumana uyingozi, yathi ayikho imibandela yebheyili ebekiwe ezosusa ubungozi.

Ukuboshwa kukadokotela ngoMbasa kuxhumene nokuhlangana kwakhe nesigebengu uThabo Bester.

UBester kusolakala ukuthi waqamba amanga ngokufa kwakhe ukuze eqe ejele lase-Mangaung Correctional Centre ngoNhlaba wonyaka odlule.

Umbuso usola uMagudumana ngokuba ngungqondongqondo nokusiza ekweqeni kukaBester.

Kumanje ubhekene namacala amaningi okubalwa kuwo ukukhwabanisa, inkohlakalo, ukushisa nokusiza isiboshwa seqe kanye namanye.

Inkantolo iveze ukuthi uMagudumana ubenolwazi ngohlu lofakazi, nakuba engazange azibheke izitatimende.

Kunokukhathazeka okukhulu mayelana nokuthi angahlela okunye ukweqa kukaBester, njengoba ebambe iqhaza elikhulu ekweqeni kwakhe kwangaphambilini.

Udaba lokuthunjwa kukaMagudumana nokuweliswa emingceleni nguBester ludale  ukungabaza.

Imantshi ibone ikhono labo lokuwela imingcele bengabonwa, okukhombisa ukuthi laba bobabili bayakwazi ukubalekela iziphathimandla.

Yize abanye abasolwa nabo okuhlanganisa ababesebenza ejele kanye nochwepheshe bezokuphepha, benikezwe ibheyili, uMagudumana usaboshiwe.

Njengoba sekuphele izinyanga ezinhlanu egqunywe esitokisini icala likaMagudumana lizoqulwa mhlaka-11 kuMfumfu ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Osesithombeni esingenhla: UDkt Nandipha Magudumana

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva