Injabulo amaphoyisa ethola usuku lokuphumula 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa nawo ayakudinga ukuphumula ngaphandle kokuzikhathaza ngezigebengu nokuvikela umphakathi.

Usuku lwamaphoyisa lukazwelonke luhlanganise abesilisa nabesifazane baseziteshini zamaphoyisa ezweni lonke enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba e-Limpopo ngoLwesihlanu.

Bekunomuzwa wesasasa, uthando nokudansa kanti uMnyango wamaphoyisa uqoqe u-R3 million ozoya ezinganeni ezishonelwe ngabazali besemsebenzini.

Amaphoyisa abe ingxenye yemidanso nakwezemidlalo.

USayitsheni Reoh Mabunda obehola iqembu lesifundazwe iXibelani Traditional Dance elizinze e-Limpopo ubengomunye wabaculi abebenandisa ngalolu suku. 

“Kuhlale kulindeleke ukuthi sisize izakhamuzi emsebenzini wethu onzima,” kusho uMabunda.

“Nathi singabantu abangagcini nje ngokubhekana nobugebengu nokubopha abantu, kodwa futhi sidinga ukwenza okwenziwa yiwo wonke umuntu njengokucula nokudansa.”

ULieutenant Colonel Thishelimbilu Makungo uhole iqembu lakuMasipala wase-Vhembe Tshigombela. Leli qembu lithe liyawamukela amasiko futhi iqembu labo lamukela bonke abantu bazo zonke izinhlanga abahlanganyela emdansweni nasekuzijabuliseni abavela eziteshini zamaphoyisa ezahlukene e-Limpopo.

Esithombeni esingenhla: Iqembu i-Reoh Mabunda Provincial Xibelani elizinze e-Limpopo

Umthombo wesithombe Everson Luhanga

Izihloko zakamuva