
Moyahabo Mabeba
Isimo asisihle esikoleni samabanga aphezulu i-Kgakoa e-Limpopo ngemuva kokushona kwabafundi abane kanye nothisha oyedwa esikhathini sezinyanga ezimbalwa nje.
NgoLwesibili iqembu labafundi livuke umbhejazane lifuna ukuthi isikole sivalwe ngokushesha, lithi kunomoya omubi ogcwele igceke lesikole.
Abashonile – uMerriam Manamela (17), uLebogang Sebeke (19), uMokibelo Mavulu (16) uKoketso Modiba (18) nothisha wabo uMolatelo Seduwa – bonke bashone ngezizathu ezahlukene.
Kuthiwa laba abahlanu bebephile kahle ngaphambi kokushona kwabo ngokuzuma.
Abafundi kanye nabasebenzi besikole esisesigodini sase-Ga-Ramongoana, endaweni yase-Moletjie e-Limpopo, bathi bakhathele ukuya emingcwabeni kusukela kuqale unyaka.
Omunye wabafundi abakhathazekile, uLebogang Mochitela, uthe sebekhathele ukuya emathuneni.
“Lokhu kushona kunengcindezi. Ukubona ibhokisi lomngani wakho ofunda naye lehliselwa ethuneni kubuhlungu. Ngeke sisakwazi ukukumela lokhu,” kusho uLebogang
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uTidimalo Chuene, ukuqinisekisile ukushona kwalaba abahlanu wathi bashone ngezimo zemvelo.
“Kuyiqiniso ukuthi kubikwe inqwaba yabantu abashonile, hhayi esifundeni sase-Capricorn kuphela, kodwa nasesifundazweni,” esho, wengeza ngokuthi ukushona kwabo akuhlobene.
“Akulona ubhubhane noma okunye. Kubalulekile ukuthi umphakathi kanye nabafundi bakuqonde ukuthi lezi zinto ziyenzeka,” usho kanje.
Uthe baluthathela phezulu lolu daba. Bazoxoxisana nabaqondisi bezifunda ukuze banikeze ukwelulekwa ngokwengqondo okufanele.
UTebogo Kganyago, usihlalo we-Capricorn District of Cosas esifundeni, uthe kunesidingo esiphuthumayo sokuthi kubhekwe izimbangela zalokhu kushona kwabantu.
“Asazi ukuthi yini ebulala laba baholi bakusasa. Sifuna ukungenelela kukaNkulunkulu ngesikhathi sisazama ukuthola ukuthi kwenzakaleni”.