Inhlangano elwela amalungelo abantu i-AfriForum isicele ukuthi kuphenywe i-Netball SA kulandela izinsolo zokungaphathwa kahle kanye nokuhlukumeza ngaphakathi kwenhlangano yezemidlalo.
Njengoba sekusele amasonto amabili ukuthi kuqale iNdebe yoMhlaba futhi neqembu lama-Proteas selimenyezelwe, uMengameli uCecilia Molokwane kanye ne-Netball SA kuzomele bahlole lezi zimangalo.
I-AfriForum izobhekana nalolu daba ngemuva kokuthi uMqondisi we-Umpires SA, u-Annie Kloppers kuhoxiswe ubulungu bakhe bamazwe ngamazwe ngaphambi komcimbi wombukiso nomfelandawonye wezemidlalo waseNingizimu Afrika. Ikomiti lama-Olympics (Sascoc) licelwe ukuthi liphenye.
“Sekuyabonakala ukuthi kunokukhathazeka okukhulu emphakathini webhola lomnqakiswano,” kusho i-AfriForum encwadini eyibhalele i-Sascoc.
“Kubikwa izinsolo: ngendlela ephethwe ngayo i-Netball SA, indlela uMengameli wenhlangano aziphatha ngayo, indlela izimali nezinsiza eziphathwa ngayo enhlanganweni kanye nezinsolo ezibucayi zokuhlukunyezwa ngokobulili nokunye konke okushaywa indiva.”
Owayeyinhloko yonompempe ku-Netball SA, u-Annie Kloppers uphatheke kabi ngokungalibambi iqhaza kwiNdebe Yomhlaba yebhola lomnqakiswano ezoba seKapa kule nyanga.
Ngemuva kweminyaka yokuzinikela kulo mdlalo, uKloppers wazithola ephakathi kwengxabano eyaholela ekutheni kuhoxiswe ukugunyazwa kobulungu bakhe njengonompempe emhlabeni jikelele.
UKloppers uthi wasula esikhundleni sakhe sokuba ngumqondisi wonompempe, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wazithola engasakwazi nhlobo ukungenela isikhundla emhlabeni jikelele.
“Angikaze ngishushiswe noma kuqulwe icala, akukaze kwenzeke lutho. Ngibuhlungu enhlizweni.”
“Bekungeyona indawo enempilo ngenxa yendlela [umengameli we-Netball SA uCecilia Molokwane] asebenza ngayo nabantu nendlela abaphatha ngayo abantu. Ubehlukumeza wonke umuntu ngendlela yakhe.”
I-Netball SA ithe izophendula ngokusemthethweni ngemuva kokwenza ucwaningo olunzulu ngalezi zinsolo.
Luhlanganiswe nguRazeen Gutta
Luhlanganiswe nguRazeen Gutta
Esithombeni esingenhla: Ukaputeni wama-Proteas uBongi Msomi
Umthombo wesithombe: @netball_sa
