Inani labashonile likhuphukela kwabayisishiyagalolunye kulandela ukudilika kwesakhiwo sase-Ormonde

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Umsebenzi wokugcina utholakale eshonile endaweni ebhidlikile yase-Ormonde, eGoli,kanti nohlelo lokuthungatha seluphothuliwe.

Isibalo sabashone esakhiweni sase-Ormonde eGoli sesinyuke safinyelela kwabayisishiyagalolunye ngemuva kokutholakala komuntu wokugcina.

Owokugcina obedukile utholwe eshonile endaweni ebhilikile e-Ormonde, eGoli. Isibalo sabashonile sesimi kwabayisishiyagalolunye.

Amathimba abatakuli amise ukuthungatha kwawo ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuthola izidumbu eziyisithupha. Ngesikhathi bebuya ngoLwesibili ekuseni, bathole ezinye izisulu ezimbili zigqibeke ngaphansi.

Umuntu oyedwa asetholakele obesadukile usetholakele. IJohannesburg Emergency Management Services (EMS), uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) kanye namanye amathimba abatakuli bebesendaweni yesigameko.

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi kudilika i-slap sikakhonkolo esitezi sesibili kwavaleleka abasebenzi ngaphansi.

Okhulumela abe-EMS eGoli uXolile Khumalo uqinisekise inani elibuyekeziwe.

“Babili abantu asebetholakele kanti amathimba amatasatasa ukubakhipha ngaphansi kukakhonkolo. Umuntu oyedwa obengaziwa usetholakele okwenza isibalo sabashonile sifinyelele kubantu abayisishiyagalolunye,” kusho uKhumalo.

Esithombeni esingenhla: Amathimba abatakuli endaweni yesigameko lapho okudilike khona isakhiwo e-Ormonde, eGoli.

Umthombo wesithombe: @EFFGautengProv

Izihloko zakamuva