Impi phakathi kwe-Israel ne-Palestine iyaqhubeka

Arthur Greene

Ochwepheshe basabela impi enkulu ezoqubuka njengoba impi ye-Israel ne-Palestine iya ngokuya ibhebhetheka. Kusukela ngoMsombuluko, isibalo sabashonile sesinyukele okungenani kuma-49.

I-Israel ikhiphe amakhulu ezindiza e-Gaza zabulala okungenani abantu abangama-43.

Phakathi kwalabo ababulewe kunezingane eziyi-13 zase-Palestine.

Khonamanjalo, amaqembu amasosha ase-Palestine asedubule ngamarokhethi e-Tel Aviv nakwamanye amadolobha e-Israel, kwashona abayisithupha.

I-United Nations isixwayise ngokuthi uma ingxabano ingapheli, amathuba empi enkulu maningi.

UTor Wennesland, isithunywa se-UN phakathi neMpumalanga uthe: “Izinga lempi yese-Gaza liya ngokuya liyakhuphuka. Imiphumela iyabheda kanti futhi kushona abantu abangenacala.”

Imigwaqo yase-Gaza imbozwe imfucumfucu evela ezakhiweni nasezimotweni ezicekelwe phansi ngamabhanoyi ase-Israel.

Phakathi kobekuhlosiwe edolobheni, bekungamabhilidi amabili abegcwele abantu acekelewe phansi yizindiza.

Abahlali baxwayisiwe ukuthi baphume emabhilidini ngaphambi kokuba kuhlaselwe izindiza zempi, kodwa kusenemibiko yokufa kwabantu.

Omunye wabashonile wase-Israel kule mpi, ubulawe ngemuva kokuthi imoto yakhe i-Jeep ebiseduzane ishaywe ngumcibisholo.

Phambilini, ubaba nendodakazi base-Israel abaneminyaka engama-52 neyu-16 ubudala, babulawe edolobheni lase-Lod ngesikhathi imoto yabo ishaywa yirokhethi.

Ukungezwani phakathi kwe-Israel ne-Hamas amasosha ase-Palestine, sekunamasonto kuqhubeka kodwa kube kakhulu ngesonto eledlule ngesikhathi abase-Palestine belwa namaphoyisa akwa-Israel endaweni engcwele e-East Jerusalem.

I-Hamas yaqhumisa amarokhethi kwa-Israel ngemuva kokuthi benqabile ukususa amaphoyisa endaweni.

Izihloko zakamuva