IMK kaZuma izosisiza ukuqumba phansi i-ANC : DA

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

I-DA ibeke amathemba ayo ku-MK ukuthi ithathe amanye amavoti e-ANC nokuyinto ezokwenza ukuthi ibe ngaphansi kuka-50% okhethweni oluzayo.

Ethula umkhankaso wokhetho weqembu e-Union Buildings ngoMgqibelo, umholi we-DA uJohn Steenhuisen uthe ulindele ukuthi i-MK “idle izigidi zamavoti e-ANC”.

“I-ANC ibisivele iguqe ngamadolo ngesikhathi iqembu likaJacob Zuma i-MK lingenela ukhetho. Sikhuluma nje, i-MK ishwabadela izigidi zamavoti e-ANC.
“I-ANC inomuntu oyedwa okumele imsole ngokushabalala kwayo, uCyril Ramaphosa osekuphele amashumi eminyaka enza konke okusemandleni akhe ukuvikela uZuma.

“URamaphosa uze wakhulula izigebengu ezingaphezu kuka-15 000 ukuze uZuma aphume ejele, yena kanye uZuma usesiza ekuxosheni uRamaphosa e-Union Buildings.”

USteenhuisen uthe phambilini umsebenzi oseqhulwini weqembu bekuwukuhlanganisa amaqembu aphikisayo ukuliswa i-ANC.

“Konke lokho kuyashintsha namhlanje njengoba sesiqala indlela entsha. Kulolu khetho, angeke siphikise i-ANC kodwa sizoyinqoba,” kusho uSteenhuisen.

Leli qembu lithembise ukudala amathuba emisebenzi amasha ayizigidi ezimbili, ukuqeda ukucishwa kukagesi kanye nokuntuleka kwamanzi. Iqembu lithembisa ukwehlisa izinga lobugebengu obunodlame, okuhlanganisa ukubulala, ukuzama ukubulala nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

“Sizokhipha abantu abayizigidi eziyisithupha ebuphofini.”

USteenhuisen uthe i-ANC kumele ihloniphe isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sakamuva sokuthi inikeze amarekhodi ekomiti elijutshwe izinhlaka kusukela mhla zizinye kuMasingana kulo nyaka.

“Ngemuva kokubambezeleka iminyaka engaphezu kwemithathu ukuze amarekhodi adalulwe obala ukuze kuvezwe iqhaza likaRamaphosa ekuthunjweni kombuso. I-ANC izolo ibuyele ku-DA isicela ukuthi siyinike isikhathi.
“Ngithanda ukuthatha leli thuba ngiphendule uRamaphosa kanye ne-ANC ngqo. Cha, anikwazi ukuthola isikhathi esengeziwe sokunikeza amarekhodi,” esho.

Esithombeni esingenhla: Umholi we-DA uJohn Steenhuisen

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva