IMK izamazamise amavoti eNkatha ne-ANC oPhongolo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMkhonto weSizwe Party uzamazamise amavoti kaKhongolose nawe-IFP oPhongolo njengoba bekunokhetho lokuchibiyela obelubhekwe ngabomvu.

Ngokwezibalo ezikhishwe iKhomishana eziMele yoKhetho i-IFP iqengqeleze phambili yakwazi ukuvika ukudliwa kwewadi yaseNcotshane ebisembangweni obushisa phansi.

Nokho leli qembu lehlile ngokwezibalo zamavoti uma kuqhathaniswa nokudlule njengoba lithole amaphesenti angu-36 lisuka kwangu-48.

UKhongolose wona wehle wathola amaphesenti angu-33 usuka kwangu-43.

I-EFF kuvalwe ngehlahla kuyo njengoba icoshe amavoti angamaphesenti amabili kuphela ngemuva kokuba ibisanda kugcwalisa inkundla yaseThekwini iMoses Mabhida ngoMgqibelo.

UMkhonto weSizwe uvuke ngamavoti angamaphesenti angu-28 njengoba ubufolosa ngoMnuz Mlungisi Watu Simelane.

ENewcastle i-IFP ihlwithe iwadi kaKhongolose esale dengwane ngemuva kokwesula kwekhansela eselisebenza komunye womasipala abaseMajuba.

Okhulumela uMkhonto weSizwe Party kuzwelonke uMnuz Nhlamulo Ndlela uthe lemiphumela ibakhombisile ukuthi abantu sebelitholile ikhaya elizobakhulula ngoba besebekhathele i-ANC.

“Abantu abaningi bakaKhongolose bavotele uMkhonto kwathi abanye abesebewushiyile baya kwezinye izinhlangano nabo babuya ngoba sebebone ikhaya labo okunguMkhonto. Uzokhumbula ukuthi iZululand akuyona indawo yokudlalwa uma kuziwa ngakwezombusazwe. Kumele uqine uma ungenela ukhetho khona. Ngakho kukhombisile ukuthi uMkhonto weSizwe usebenzile futhi ufike abantu bawuthanda,” kusho uNdlela.

Uqhube wathi izinhlelo zabo zokuthatha isifundazwe KwaZulu-Natal sezihleli obala uma kubukwa ukwesekwa kwabo abakuthole oPongolo nasebaQulusini.

UMkhonto ubhaliswe ngonyaka odlule kuNcwaba enhlanganweni yokhetho kodwa wethulwe ngokusemthethweni mhlaka-16 kuZibandlela ngesikhathi owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ememezela ukuthi uzowuvotela.

Izihloko zakamuva