Lubhalwe nguSihle Mavuso
Iqembu iMK lithi lihlose ukusiza bonke abantu baseNingizimu Afrika baqedele uhambo olungakafezwa lwempilo engcono olwaqala eminyakeni engu-30 edlule ngemuva kokhetho lokuqala lwentando yeningi ezweni.
Leli qembu elihlubuke ku-ANC lithi lizimisele ukuphatha izwe ngendlela okuyiyona yona.
Lokhu kushiwo nguMnuz Nhlanhla Ngidi, owayenguMqondisi- Jikelele kuhulumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal, owalaxaza i-ANC ngasekuqaleni kwalo nyaka wajoyina leli qembu eliholwa owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
UNgidi uhamba phambili ohlwini lweMK ohlwini lwesishayamthetho sesifundazwe, okungamenza abe nguNdunankulu waso.
Ubekhuluma emcimbini we-Independent Electoral Commission e-International Convention Centre eThekwini ngoLwesithathu lapho amaqembu ezepolitiki eKZN esayine khona imigomo yokuziphatha ye-IEC.
Azibophezele ukwakha indawo enokuthula yokuthi wonke umuntu akhankase ngokukhululeka ukulungiselela ukhothe langomhlaka 29 kuNhlaba.
“Umkhonto Wesizwe … unikeza abantu bakuleli ithuba lokuphothula uhambo lwempilo engcono olungafezekanga kule minyaka engu-30 edlule.
“Umkhonto Wesizwe umele ukuthula nokuphatha ngendlela,” kusho uNgidi, wengeza ngokuthi iqembu lifuna ukuthi ukhetho lube ngolukhululekile futhi olungachemile.
UMnuz Thami Ntuli we-IFP ogaqele esobuNdunankulu eKZN, usebenzise leli thuba ukugqugquzela ukwesekwa kweqembu lakhe.
Uthe i-IFP isimi ngomumo ukuthi ingenelele ukutakula isifundazwe ekuphathweni budedengu okungapheli ngaphansi kombuso we-ANC owaqala ngo-2004.
“Siyakuqonda ukukhathazeka okukhona emiphakathini ngakho umlando ukhombe i-IFP KwaZulu-Natal ukuthi ihlenge isifundazwe.
“Siyawuqonda umsebenzi osihlalele, siyaziqonda izinselelo, futh siyazi ukuthi yini okumele yenziwe.”
USihlalo we-ActionSA esifundazweni, uMnuz Zwakele Mncwango, ukhwele wadilika kuKhongolose ngokusebenzisa imicimbi kahulumeni ukukhankasa wathi lokho akulungile neze.
Uphinde wakugxeka ukususwa kwezingqwembe zeqembu lakhe emadolobheni afana noNongoma, eThekwini naseMzimkhulu, wathi lokhu kusho ukuthi ukhetho ngeke lube ngolukhululekile nolungachemile.
Osesithombeni ngenhla: UNhlanhla Ngidi weqembu iMK, athi lizimisele ukuphatha ngendlela.
Umthombo: Sihle Mavuso/Scrollla.Africa
