Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Ukwakhiwa kwezindlu eVosloorus Extension 9 sekudle imali elinganiselwa ezigidini ezingu-R56 kusukela ngo-2018 kodwa kusalokhu kungaphelele, kunezindonga ezibhidlikile kuyo yonke indawo.
Izakhamuzi eziseduze kwalo msebenzi zisahlala emijondolo engenawo amanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle noma ukuqoqwa kukadoti kuyilapho i-DA ifuna izimpendulo ngokubambezeleka.
Ukwakhiwa kwezindlu eVosloorus obekumele kunikeze imindeni engu-132 izindlu sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili kungaqediwe.
Iphrojekthi ye-Alternative Building Technology eVosloorus Extension 9 yakhiwe ngaphansi kukahulumeni waseGauteng. I-DA ivakashele le ndawo kuleli sonto izobheka ukuthi injani, yafica izakhiwo zingenazicabha, zingenamawindi futhi zingafulelwe. Amaphaneli odonga lukasimende nensimbi kwakukhunyuliwe. Utshani wawuthathe izingxenye zesiza.
Leli qembu lithi le ntuthuko isidle imali elinganiselwa ku-R56 million kusukela ngo-2018.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu e-DA eGauteng uMervyn Cirota uthe lo msebenzi ukhombisa izinkinga ezibanzi ekuhlinzekweni kwezindlu esifundazweni sonke.
I-DA iphinde yazwakalisa ukukhathazeka ngokushoda kwenqwaba yengqalasizinda endaweni yaphinde yabuza ukuthi ngabe lo msebenzi uyoke uphele yini.
Imindeni obekumele ingene isasemijondolo eseduze. Abanawo amanzi, abanawo ugesi, abanazo izindlu zangasese kanye nokuqoqwa kukadoti.
I-DA ithi izothumela imibuzo kuNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu eGauteng uTasneem Motara kanye neDolobha laseKurhuleni. Iqembu lifuna ukwazi inani eliphelele elisetshenzisiwe, kungani iphrojekthi imile, nokuthi kuzobiza malini ukuqedwa.
Esithombeni esingenhla: Izindlu ezingakaqedwa ukwakhiwa eVosloorus Extension 9 zicekelwe phansi ngesikhathi imindeni isaqhubeka nokulinda imizi.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
