Lubhalwe nguCelani Sikhakhane noMlungisi Gumede
Buchitheke sebugayiwe emcimbini kaNgizwe Mchunu ngesikhathi kugasela amaphoyisa afike amdiliza esiteji amkhomba indlela ngoba kuthiwa ubengenayo imvume yokwenza umcimbi kaMaskandi eGugu Dlamini Park.
Lesi senzo siphendule uNgizwe ihlaya kubaholi be-EFF abangene ezinkundleni zokuxhumana bethi ibambe ngakho.
UNgizwe bekubhekwe ukuba aqophe umlando ngokuphendula umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ihlaya ngokuthi angayigcwalisi iMabhida emcimbini wokwethula umqulu wezethembiso zokhetho luka-2024.
Ngaphambi kokuba kushube isimo uNgizwe uthe yena akazile ukuzovimba uMalema ngoba vele abantu abazukuyingena indaba yakhe.
“Abantu abasoze baye kuMalema ngoba unodlame futhi unguSathane ongasoze ayihola iNingizimu Afrika. Mina ngenze umcimbi wamabhinca lapho sizobungaza ubuZulu bethu nemvelaphi yethu. Kubike ngoba uma senzenjalo labo abanamahloni ngobuzwe babo bathi sigqugquzela ukucwasa ngokobuzwe,” kusho uMchunu.
Abaholi abaningi bakaKhongolose KwaZulu-Natal kuthiwa bebemagange betshela abantu ukuthi akuthathwe amabhasi ayemcimbini kaMalema bese bafike eThekwini baziyele emcimbini kaNgizwe.
Ngemuva kokuxoshwa amaphoyisa uMchunu uvuthe ngolaka ehla enyuka eGugu Dlamini Park ekhuluma yedwa okomuntu ohlushwa idlozi.
Kuthe kushaya ihora leshumi nambili, iMabhida ibisinyinyitheka abalandeli be-EFF.
Ngaleso sikhathi uMchunu ubesaqhubeka ethetha eGugu Dlamini Park kucwebe iziziba.
Bekunezinsizwa ezimbalwa ebezizama ukuvusa isteji ngoba ubephikelela ethi umcimbi wakhe uzobakhona ngenkani.
Kuthiwa amaphoyisa ngesikhathi esesha athole izibhamu kwenye yezimoto kwaboshwa umlisa oyedwa.
OKhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netsheunda uthe izibhamu bekungeze nkampani yonogada ebiqaphe isimo eGugu Dlamini Park.