Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
U-Ayanda “Ntunja” Nkosi usephumile eqenjini lomculo elidumile iMahotella Queens ukuze aqhubeke nokukhipha izingoma yedwa kodwa uthi usaseyilungu leqembu elasungulwa ngo-1964 nakuba selisele ngelungu elilodwa kuphela uHilda Tloubatla.
Ilungu elincane leMahotella Queens, uNkosi wajoyina leli qembu lombhaqanga ngo-2013 ngemuva kokubonwa ngamalungu ngesikhathi ecula evulela leli qembu inkundla.
Ngo-2020 wakhipha ingoma yakhe yokuqala enesihloko esithi “Imali” ngesikhathi esacula nama-Mahotella Queens.
Ingoma yamukelwa kahle yaba kwinombolo yokuqala kwi-iTunes ngaleso sikhathi.
UNkosi uthe ngaphambi kokujoyina leli qembu wayecula yedwa kodwa wanquma ukulimisa lelo phupho ukuze azinike isikhathi sokufunda kulezi zihlabani.
“Kwangijabulisa ukuthi bakubone kufanele ukuthi ngijoyine iqembu labo futhi bangethemba ukuthi ngingakwazi ukuqhubekisela phambili ifa labo. Ngiyohlezi ngilibonga leli thuba.
“Kulolu hambo lweminyaka eyishumi ngifunde ukubaluleka kwenhlonipho, ukuthobeka kanye nokwazi imvelaphi yomuntu.”
Uqhube wathi lolu hambo lumnike ithuba lokuhambela amazwe omhlaba ukuze afunde ngamasiko ahlukene kanye nezinhlobo eziningi zomculo.
“Ngikhule kakhulu kulolu hambo njengomculi futhi sekuyisikhathi sokuthi umhlaba uhlangane noNtunja ozimele,” engeza.
” Iqembu lomculo Mahotella Queens liyohlezi iyikhaya lami kodwa leli ithuba lami lokukhombisa umhlaba ukuthi ngingubani ngaphandle kweqembu.
“Ngiyajabula ukuthi kancane kancane ngifaka isigxivizo [sami]. Nyakenye ngesikhathi ngicula e-Mauritius ngamenywa ukuthi ngiyocula e-Reunion Island nase-France kwi-Fanm-Faular Festival,” engeza.
Ngo-2021 waqokwa emcimbini wezindondo i-Basadi in Music emkhakheni “womculo wesintu ohamba phambili.”.
Esithombeni esingenhla: U-Ayanda “Ntunja” Nkosi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe