Sindisani idolobha lethu: U-Everson Luhanga uthi imeya uKabelo Gwamanda ubophe abaduna amabhilidi.
Abasolwa abangu-23 – okuhlanganisa nekhansela likamasipala – baboshiwe mayelana neqhaza labo lokuduna ibhilidi laseGoli e-Denver elingsasebenzi.
Abasolwa bagcinwe esiteshini samaphoyisa esisenkabeni yedolobha laseGoli.
Babhekene namacala okucekela phansi impahla kanye nokweba.
“Ngokophenyo lokuqala olwenziwa abakwa-JMPD, kunezinsolo zokuthi isikhulu esiphezulu sophiko lwamaphoyisa akuleli singase sibe nesandla kulokhu,” kusho imeya yaseGoli uKabelo Gwamanda ngesikhathi kuhlolwa indawo namuhla.
Ngesikhathi behlola bathole ithimba elithe liqashwe umuntu othe ungumnikazi wale ndawo.
Umnyango wamaphoyisa kamasipala waseGoli (JMPD) nawo ushaqe i-TLB, i-forklift kanye nempahla yokwakha etholwe kubasolwa.
UGwamanda uxwayise ngokuthi ngeke bekwazi ukubekezelela izigebengu eziduna amabhilidi.
Ngesikhathi bevakashele indawo yezimboni e-Denver, e-Cleveland ngoLwesithathu uGwamanda uthe “kuyinhloso yethu ukuqinisekisa ukuthi sinqanda noma yikuphi ukulahleka kwemiphefumulo nezinhlekelele edolobheni ngenxa yamabhilidi ahlala abantu ngokungemthetho kanye naduniwe.”
UGwamanda ukuqinisekisile ukuthi impahla ecekelwe phansi e-Denver ngeyedolobha; eyathengwa ngo-2019 ngemali engu-R40 million futhi yayihloselwe ukusetshenziswa njengendawo yakwa-JMPD.
Le ndawo ihlonzwe njengendawo okungase kube indawo yokuhlala yezisulu zomlilo ebhilidini lase-Marshalltown emasontweni amabili adlule lapho okushe khona abantu abangu-76.
“Lo mkhankaso uholele ekutheni kuboshwe abasolwa abangu-23 okuhlanganisa nekhansela likamasipala. Abasolwa babhekene namacala okucekela phansi ingqalasizinda yedolobha, ukweba kanye nokucekela phansi impahla.”
Imeya igunyaze umphathi wedolobha ukuthi bathathe izinyathelo ezidingekayo ngokushesha ukuze bavikele le ndawo kanye nokuvimbela noma yimuphi umonakalo oqhubekayo ezikhungweni zayo.
“Sizoxhumana ngokusemthethweni noSomlomo ngokuboshwa kwekhansela kanye nokudumala kwethu ngokuthi izinsolo ezinjengalezi zivulelwe bona kanye abantu ebesilindele ukuthi bavikele idolobha baphinde balandele umthetho nokuhleleka,” esho.
Umthombo wesithombe: Everson Luhanga
