Dylan Bettencourt
Elinye lamakhadi elasayinwa umdlali odumile wethenisi uSerena Williams ngowezi-2003 selidayiswe ngenani lemali eyizi-R656,000, laphula irekhodi lekhadi lezemidlalo labesifazane elibiza kakhulu kunawo wonke.
Irekhodi langaphambilini laliphethwe ngumdlali webhola waseMelika uMia Hamm ngesikhathi ikhadi lakhe lidayiswa ngoNhlangulana wakulo nyaka ngemali engaphezudlwana kweyizi-R500,000.
Ikhadi elibonisa uWilliams osemusha oneziqu ze-Grand Slam ezingama-23 kuze kube manje, lithengwe ngenye inkampani ehweba ngempahla i-Alt, ilithengela elinye lamakhasimende ayo angasese.
“Abantu bamukela amakhadi okuhweba abesifazane njengezinto eziqoqwayo,” kusho umsunguli we-Goldin Auctions uKen Goldin etshela i-ESPN.
Kulokhu osekuphenduke into yokuzilibazisa, izinto ezingamagugu ezikhumbuza namakhadi abadlali alanda izizumbulu zemali ezindalini namateku aseke agqokwa kaMichael Jordan angowe-1984, adayiswe ngerekhodi lemali eyizigidi ezingama-R22 ekuqaleni kwaleli sonto.
“Sikubonile lokho kukhuphuka kancane kancane eminyakeni emithathu edlule, nokwanda okukhulu engxenyeni yesibili yowezi-2020 kuze kufike kowezi-2021. Emabhodini nasezinkundleni zokuxhumana, ngibona abantu befuna amakhadi abesifazane ezemidlalo,” kwengeza uGoldin.
UWilliams, manje oneminyaka engama-40 ubudala, ubenenkinga yokulimala ezikhathini zakamuva, kodwa uthathwa njengomdlali wethenisi wesifazane ohamba phambili kunabo bonke abake baba khona kwabaningi.
Njengoba esenqobe amahlandla angama-73 kanye nama-Grand Slam angama-23, isihlabani sethenisi saseMelika sisajaha irekhodi lezicoco ze-Grand Slam ezingama-24, irekhodi eliphethwe uMargaret Court.
Umthombo wesithombe: @GoldinAuctions