IGoli livale izakhiwo eziyingozi ngemuva kokushona kwabantu abayisishiyagalolunye

Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane

Izikhulu zaseGoli zivale amapaki amabili amahhovisi kanye nendawo yokwakha e-Ormonde ngoba zephule imithetho yezokuphepha.

Abanikazi bezakhiwo bakweleta idolobha imali engaphezu kuka-R19-million kanti kusolwa ukuthi baxhuma amanzi nogesi ngokungemthetho ezakhiweni zabo.

Idolobha laseGoli selingenelele ukuvimba abanikazi bezakhiwo abephula umthetho. Lokhu kuza ngemuva kokuwa kwebhilidi kwashona abantu abayisishiyagalolunye e-Ormonde.

Imenenja yedolobha uFloyd Brink uhole ithimba ebeliyobheka izakhiwo ezingaphansi kwe-New Order Investments. Babheke izindawo ezingaphezu kuka-30, okubalwa amahhotela, amapaki amahhovisi namafulethi. Bathole ukuthi eziningi zalezi zakhiwo aziphephile futhi aziyilandeli imithetho.

Ezintathu zalezi zakhiwo zikweleta idolobha imali elinganiselwa ku-R19.5-million yezinsiza. Ngenxa yalokhu nokunye ukwephulwa komthetho, idolobha lavala amapaki amabili amahhovisi nendawo yokwakha.

Izikhulu ziphinde zanqamula amanzi kanye nogeso ezakhiweni ezintathu. Bathole ukuthi abanikazi bazo bebesebenzisa izixhumi ezingekho emthethweni futhi bengenawo amamitha afanele. Basabheka esinye isakhiwo abacabanga ukuthi ugesi webiwa kuso.

Idolobha likhathazekile ngoba ezinye izakhiwo zakhiwa ngaphandle kwezinhlelo ezifanele. Lokhu kudle idolobha imali engaphezu kuka-R10-million. Baphinde bathola abantu ssebehlala ezakhiweni ezingakaqedwa.

UBrink uthe idolobha ngeke livumele abantu ukuthi bashaye indiva umthetho ngemuva kokulahleka kwemiphefumulo. Uthe ukuvikela abantu kubaluleke kakhulu kunamabhizinisi noma abaqashi okumele baphume. Uphenyo olugcwele seluqalile, futhi imiphumela kufanele ibe isilungile maphakathi noNhlaba.

Isithombe esingenhla: Indawo yokwakha evalwe idolobha.

Umthombo wesithombe: CoJ

Izihloko zakamuva