Ifayela elingenalutho livimbela isiguli ukuthola imali yesibonelelo sikahulumeni

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

  • Ifayela lasemtholampilo lowesifazane waseKhayelitsha litholwe lingenalutho nakuba ephuza imithi yezifo ezintathu ezinzima.
  • Izikhulu zezempilo zithi imininingwane yakhe isohlelweni lwazo futhi zithembisa ukumsiza ngesicelo sakhe sesibonelelo sikahulumeni.

Owesifazane odinga isibonelelo sezokwelashwa akaqondi ukuthi ifayela lakhe lasemtholampilo lalahleka kanjani – njengoba esathola imithi yezifo ezintathu ezinzima.

Isiguli, esinomfutho wegazi ophakeme, isifo sikashukela kanye ne sandulela-ngculaza, silinde amahora amaningi emtholampilo iNolungile eKhayelitsha ngesikhathi abasebenzi becinga ifayela laso lezokwelashwa.

Ngesikhathi litholwa leli fayela uthe: “Ngiye ngamangala ngesikhathi ngizwa udokotela ethi ifayela lami lokwelashwa alinalutho, alibhaliwe izifo enginazo ekubeni ngiphuza imithi yazo zonke izifo.”

Ifayela lakhe lezokwelashwa ligcine selitholakala kwelinye igumbi, kodwa belingenayo imininingwane yempilo yakhe.

“Ngifuna umtholampilo ungichazele ukuthi ngiyithatha kanjani imithi yento engekho efayeleni lami lokwelashwa, kwenzekeni, nokuthi kungani ligcinwe kwenye indawo. Ngidinga izimpendulo ngoba ayenzi mqondo,” kusho yena.

Ezinye iziguli zithi amafayela okwelashwa avame ukulahleka emtholampilo.

“Akuyona into entsha lena, kumele uMnyango uyisukumele lento, abantu abaningi abakwazi ukugunyazwa ukuthi bahlomule izibonelelo ngoba amafayela abo awbhalwe lutho, kukhona okushaya amanzi, okudinga ukulungiswa,” kusho esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eWestern Cape u-Abulele Dyasi uxolisile ngokubambezeleka kokutholakala kwefayela.

“Siyitholile imininingwane yakhe yezempilo efakwe ngendlela efanele ohlelweni lwethu, siyamkhuthaza ukuthi abuyele esikhungweni, lapho azothola khona usizo ekugcwaliseni isicelo sakhe sesibonelelo sikahulumeni,” kusho uDyasi.

Isithombe ngenhla: Amafolda ezokwelapha.

Umthombo: Stock

Izihloko zakamuva