Ifa lembuzi entweza emanzini lohlale limile njalo!

Arthur Greene

NgoLwezi, abakwa-Scrolla.Africa bakukhombisa imbuzi ezulazula ngezinyawo ezimbili zayo zangemuva. Manje, sivumele sikwethulele: imbuzi ehamba emanzini.

Oyi-surfer wase-California uDana McGregor waletha imbuzi endala yensikazi ukuzonakekela ubuthi engadini yakhe engemuva.

Kodwa wayengazi ukuthi uGoatee ngelinye ilanga wayezohola ubukhosi bezimbuzi ezintweza emanzini.

UGoatee waba yisilwane sikaMcGregor asithandayo futhi wayevame ukuhamba naye aye olwandle uma eyontweza.

Ngelinye ilanga, uMGregor no-Ryan Valliere oyi-surfer banquma ukubeka uGoatee ebhodini lokuntweza.

“Wayenebhalansi enhle impela,” kukhumbula uValliere kwi-Los Angeles Daily News.

“Sivele sathi, asimphushele emagagasini.”

Eminyakeni eyishumi kamuva indodana kaGoatee uPismo, oneminyaka eyisikhombisa, uchitha izinsuku zakhe efundisa izingane indlela yokuntweza e-Pismo Beach.

UGoatee sewadlula emhlabeni kodwa ushiye ifa eliyingqayizivele impela. UMcGregor manje unebhisinisi elibizwa nge-Surfing Goats, abanikeza izifundo zokuntweza olwandle nguPismo nodadewabo omncane, uGrover.

Laba ababili banikeza e-Surfing Goat izifundo zokuntweza noma amaphakheji e-hicking eza nesigubhu sobisi lwembuzi olusanda kukhanywa.

Futhi i-Surfing Goats azibandlululi ezinye izinhlobo zezilwane. Nabagembulayo bakhuthazwa ukuthi balethe izilwane ezifuywayo ukuze zizofunda. Izinja, izimbongolo nezingulube zihanjiswa emagagasini noPismo.

Uma uPismo engafundisi, uyabonakala edlala emagagasini amakhulu ase-Pismo beach.

“Useke wantweza emagagasi amakhulu. Ethole igagasi elikhulu, uDana wawela egagasini uPismo yena wasala kulo,” kusho uValliere. “Sitshuzisa uPismo kuphela uma kune gagasi elikhulu. Uthanda amagagasi amakhulu kuphela.”

Umthombo wesithombe: @MissedTheArk

Izihloko zakamuva