IDolobha laseKurhuleni lizonyusa isabelomali esisha ngo-R5.3 billion

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

IDolobha laseKurhuleni lizonyusa isabelomali salo ngo-8.6% siye ku-R65.5-billion, futhi lizogxila ekuqoqweni okuqinile kwemali engenayo liphinde lilawule ukusetshenziswa kwayo.

Izinto eziningi zizokwenyuka, okuhlanganisa amanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nokuthuthwa kukadoti, kodwa intela yezakhiwo kanye namathikithi amabhasi angeke kushintshe.

Isabelomali seDolobha laseKurhuleni sonyaka wezimali zika-2025/2026 sizokhula ngo-8.6%, sisuka ku-R60.2 billion siye ku-R65.5 billion.

Lokhu kushiwo yiLungu leKomidi leMeya lezezimali, uJongizizwe Dlabathi, ngesikhathi ethula inkulumo yesabelomali e-Germiston ngoLwesihlanu. Isabelomali esisha sizoqala ukusebenza ngoNtulikazi uma kuqala unyaka wezimali omusha.

UDlabathi uthe imali engenayo yedolobha izoqoqwa ngohlelo oluqinile.

“Sizosebenzisa indlela eqinile yokulawula izikweletu, sithuthukise izindlela zokuphatha izikweletu, sinciphise ukulahleka kwemali.

“Sizokwenza ngcono ukuhambisana nokusebenza ngempumelelo kwezinhlelo ezikhona zokuqoqwa kwemali engenayo.

“Sizohlela kabusha futhi siqinise uhlelo olukhona lokuqoqwa kwezimali. Sizophakamisa futhi siqhubekisele phambili isu lokukhulisa imali silindele ukuthi kuzosilekelela ekutholeni okungenani u-R2.1 billion owengeziwe,” esho kanje.,” esho.

Uthe umnotho waseKurhuleni usabhekene nezingqinamba nakuba eminye imikhakha ikhula.

“Umkhakha wezokukhiqiza usabhekene nengcindezi enkulu kanti imboni yezezimali nezokuthutha yiyona edale ukukhula.

“Nakuba izinga labantu abangasebenzi lehle kancane lisuka ku-37.5% laya ku-36.9% ngo-2024 eDolobheni, lihlezi liphezulu kunawo wonke amadolobha amathathu ase-Gauteng,” usho kanje.

IDolobha angeke linyuse intela yezakhiwo, ngenxa yohlu olusha lokulinganiswa kwezakhiwo. Amathikithi amabhasi nokuqashwa kwezinsiza zikamasipala nakho angeke kushintshe.

Nokho, amanye amanani azokhuphuka:

Izindleko zokungcwaba namathuna zizokhuphuka ngo-4.3% kwabangebona izakhamuzi.

Izindleko zokukhucululwa kwendle zizokwenyuka ngo-10%.

Amanzi azonyuka ngo-15%, ehle kancane kunohlaka lokuqala luka-17%.

Ukuthuthwa kukadoti kuzokwenyuka ngo-6% ezindlini namabhizinisi.

Izindleko zikagesi zizokhuphuka ngokusekelwe kumhlahlandlela kazwelonke wamandla.

Amanye amanani entengo ahlukahlukene nawo azokwenyuka ngo-4.3%.

UDlabathi uthe ukusetshenziswa kuka-R64.8 billion kuzolawulwa ngokuqinile.

Uthe le mali izosetshenziswa kwizinsiza ezimqoka futhi kuqinisekiswe ukuthi isetshenziswa kahle ngokuthenga okuphusile.

Ukubhekana nenkinga yokushoda kwezindlu, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uzothola u-R491 million. Leyo mali izosetshenziswa kanje:

U-R139-million uzoya kumaprojekthi amakhulu (Mega Projects)

U-R137-million uzoya ezindaweni zokusebenza (service stands)

U-R59-million owokuthuthukisa kabusha ihostela

U-R46-million owezindlu zomphakathi

Osesithombeni esingenhla: U-MMC Wezezimali uJongizizwe Dlabathi

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva