Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
U-Eskom unikeze iDolobha laseGoli kuze kube umhlaka-8 kuNtulikazi ukuthi likhokhe isikweletu sika-R5.2 billion noma libhekane nokunqanyulwa kukagesi omningi.
IMeya yaseGoli uDada Morero ucele uNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa ukuthi angenelele njengoba ababolekisi baseFrance neMoody’s nabo becindezela idolobha.
IMeya yaseGoli uDada Morero muva nje uthe amalambu asebenza kuleli dolobha akhombisa ukuthi iGoli alikho enkingeni yezimali. Kodwa kuleli sonto, u-Eskom usabise ngokucisha lawo malambu.
Inkampani ephehla ugesi inikeze iDolobha laseGoli neCity Power kuze kube umhlaka-8 kuNtulikazi ukuthi bakhokhele isikweletu sika-R5.2 billion. Omunye u-R1.58 billion kumele ukhokhelwe zingakadluli umhlaka-5 kuNhlangulana ka-2026.
U-Eskom uthe sekuphele iminyaka engaphezu kwemibili besebenzisana nedolobha ukuthola izinkokhelo zabo. Inkampani ephehla ugesi ithe isineke manje siphelile.
U-Eskom uthumele isaziso esisemthethweni esibonisa ukuthi uhlela ukunqamula noma ukumisa ukuphakelwa kukagesi ezindaweni ezinkulu zikagesi edolobheni lonke.
Izindawo ezisengozini zihlanganisa iSandton, IFourways, iSoweto, i-Orange Farm kanye ne-Ivory Park.
Amalambu emigwaqo ezingxenyeni zalezo zindawo asevele acishiwe ngenxa yesikweletu esihlukene sika-R4 million.
U-Eskom uthe idolobha lithatha imali kagesi kubahlali kodwa abawukhokheli u-Eskom. Inkampani ibize izikweletu ezingakhokhiwe ngokwehluleka ngokuphelele ukulandela isivumelwano sabo.
NgoMsombuluko, UMorero ucele uNgqongqoshe kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa ukuthi angenelele ukuze amise ukunqanyulwa kukagesi. IDolobha laseGoli alikayiphenduli ngokusemthethweni ukusatshiswa okuvela kwa-Eskom.
Ingcindezi eyengeziwe ishaya idolobha kwezinye izinhlangothi. UNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana utshele idolobha ukuthi lisihoxise isivumelwano sokunyuselwa amaholo nezinyunyana zomasipala. Uthe idolobha alikwazi ukuyikhokhela.
Ababolekisi bentuthuko baseFrance benqabile ukunikeza idolobha imali ebolekiwe eyengeziwe. Ngaso leso sikhathi, i-ejensi yokulinganisa izikweletu i-Moody’s yabeka iGoli ekubuyekezweni ukuze lehliselwe izinga.
Ukwesabisa okwedlule okuvela kwa-Eskom kwamiswa ngemuva kwecala lasenkantolo nosizo oluvela kuhulumeni kazwelonke. Idolobha alikasho ukuthi lolo sizo luzobuya yini kulokhu.
Esithombeni esingenhla: Isizinda sikagesi sakwa-Eskom.
Umthombo wesithombe: Ifayela
