Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
I-Congress of the People Party (Cope) – eholwa nguMosiuoa Lekota – ibeka amathemba ayo okugcina izihlalo zayo ezimbili ephalamende ezinhlanganweni zomphakathi i-Freedom in South Africa (Fisa) kanye ne-South African Security Council (SASC).
ICope, esebenzisana nalezi zinhlangano emikhankasweni yayo yokhetho lomhlaka 29 kuNhlaba, ithumele uhlu lwamalungu angu-63 ku-IEC.
I-Fisa ithi yesekwa izindlu zobukhosi bendabuko zaseNingizimu Afrika ezingaphezu kwezingu-12 namalungu e-SASC kanye nezinye izinhlangano zomphakathi.
Isiphakamiso se-Fisa sokusiza i-Cope ngesokuthi bahlukaniselane ngo-50/50 kunoma yiziphi izihlalo iqembu elingazizuza okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba.
UMengameli we-Fisa, uMonnye Nthai Malatji, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi i-Cope ikhulume nabo ngemuva kokuthi behlulekile ukuqoqa imali eyanele kanye nokusayina kusenesikhathi ukuze babhalise njengeqembu lezepolitiki ukuze bakwazi ukungenela ukhetho ngaphansi kwe-Independent Electoral Commission (IEC).
“Sivumelane ngokuthi uma i-Cope ithola izihlalo ezimbili ephalamende, esinye sizoba ese-Fisa kanti esinye siye ku-Cope. Kuzokwenzeka njalo ezifundeni nasezifundazweni uma i-Cope inqoba ngosizo lwethu,” kusho uMalatji.
“Lolu wumbimbi oludingwa yi-Cope futhi siyethemba ukuthi luzosiza ukuyisimamisa ukuze iqhubeke nokuba khona ephalamende futhi ikhule kulezi zihlalo ezimbili zithi xaxa.
UMengameli we-Cope uLekota uthe: “Sisayine isivumelwano sokusebenzisana ne-Fisa kanye ne-SASC ukuthi banikele ngamalungu abo ukuze bathole izihlalo.
“Sisebenzela ukufeza inhloso efanayo, ukunqoba ukhetho.”
Esithombeni ngenhla: Umengameli we-Cope uMosiuoa Lokota namanye amalungu eqembu.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo