IChiefs iwine umdlalo wayo wesihlanu kulandelana ngesikhathi ishaya iMagesi 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Ukuwina ngo 4-1 kuphushele iKaizer Chiefs endaweni yesithathu kanti iMagesi edonsa kanzima ihlezi emsileni ngamaphuzu angu-17.

UFlavio Silva ushayele iKaizer Chiefs igoli lokuqala ngaphambi kokuthi uWandile Duba, uMduduzi Shabalala noKhanyisa Mayo nabo bashaye amagoli.

IKaizer Chiefs inqobe okwesihlanu kulandelana ngokushaya iMagesi Football Club ngo 4-1 ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesithathu, mhlaka-15 kuMbasa.

Ukuwina lo mdlalo kunyuse iKaizer Chiefs yafinyelela kumaphuzu angu-45. Manje basendaweni yesithathu ku-log. Isele ngamaphuzu angu-10 ku-Orlando Pirates esendaweni yesibili, kodwa iChiefs inomdlalo owodwa okufanele iwudlale.

Izinto zibukeka zizimbi kakhulu kuMagesi. Ukuhlulwa kanzima kusho ukuthi basamile emsileni we-log endaweni ka-16 ngamaphuzu angu-17 kuphela. Basele ngamaphuzu amabili kuMarumo Gallants kanye ne-ORBIT College. Basalelwe yimidlalo eyisithupha kuphela ukuthi bayidlale ngesizini yabo yokuqala kuligi ephezulu.

Abaqeqeshi beKaizer Chiefs uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef benze ushintsho olulodwa kuphela eqenjini elahlula iTS Galaxy. Kungene Inacio Miguel kuGiven Msimango ngemuva.

IKaizer Chiefs iwuphaze zisuka nje umdlalo. Kodwa iMagesi icishe yalishaya kuqala igoli ngesikhathi uThabang Sibanyoni egeja ibhola ebeligotshwe ekhoneni ngomzuzu ka-24.

Lelo phutha liyibulele iMagesi. Umgadli weChiefs uFlavio Silva ushaye igoli lokuqala ngomzuzu ka-33. Ufulathele lona obemjika ibhola, washaya ishodi eliqinile elidlula unozinti weMagesi u-Elvis Chipezeze.

Emuva kwemizuzu emine, uWandile Duba ushaye elinye kwaba ngu-2-0. Ushiywe engamakiwe washaya igoli ngeshodi eliphansi ngaphambi nje kwekhefu.

IChiefs iqhubekile nokuhlasela ngesiwombe sesibili. UMduduzi Shabalala ushaye igoli lesithathu ngomzuzu ka-62 aliphaselwe uReeve Frosler.

IMagesi oshaye igoli elilodwa emuva kwemizuzu eyisikhombisa ngesikhathi uDiteboho Mofokeng eshaya ngekhanda.

Kodwa uKhanyisa Mayo uqede umdlalo weMagesi ngesikhathi eshaya igoli lokugcina ngomzuzu ka-83 umdlalo uphele zibambene ngo 4-1.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beKaizer Chiefs bejabulela.

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva