Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Intombazane ithathwe ngemuva kokuthi amadoda abehlomile egasele kubo ezama ukuphoqa umndeni wakhe ukuthi ukhiphe imali.
Abathumbi bambuyise ngemoto i-ehailing base bexwayisa umndeni ukuthi ungayi emaphoyiseni.
U-Omphile Sebiloane oneminyaka eyisishiyagalombili uhlanganiswe nomndeni wakhe ngokuphepha ngemuva kokuthunjwa kubo e-Ratanda, ngaphandle kwase-Heidelberg, e-Gauteng.
Uthathwe ngesikhathi kugetshengwa umuzi wakubo ezintatha ngomhlaka-5 kuNhlangulana. Lezi zigelekeqe kuthiwa zigasele endlini zifuna imali.
U-Omphile ungumfundi ka-Grade 2 esikoleni samabanga aphansi e-Shalimar Ridge. Uhlala nogogo wakhe osanda kuthatha umhlalaphansi kuMasipala waseLesedi.
Izigebengu kukholakala ukuthi bezibhekise emndenini ngemuva kokuzwa ngemali yempesheli kagogo.
Ngokusho komholi womphakathi, izigebengu zibe nolaka ngesikhathi umndeni ungayikhiphi imali. Bahambe nengane nemiyalelo ecacile yokuthi bangaxhumani namaphoyisa.
IScrolla.Africa ithole ukuthi abathumbi ngokuhamba kwesikhathi baphindisela u-Omphile ngemoto i-ehailing, bafike bamshiye endlini kubo futhi abashiyanga nemiyalelo.
Ngesikhathi begetshengwa, abasolwa kuthiwa basebenzise omakhalekhukhwini omndeni ukudlulisa imali kuma-akhawunti abo.
Ayikho imali abayifunile ngemuva kokubuyisa intombazane.
Yize u-Omphile engalimalanga kodwa lesi sigameko sishiye umphakathi ushaqekile.
Amaphoyisa ayaphenya. Akukaboshwa muntu.
Esithombeni esingenhla: U-Omphile Sebiloane ubuyele ekhaya ephephile ngemva kokuba abathumbi bakhe bembuyisele nge-Uber.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe.