IBosa kanye neRise Mzansi bahlose ukuthola izigidi zamavoti

Lubhalwe nguZukile Majova

Imibandela yomthethosisekelo eyimpikiswano yokuthi amaqembu amasha ezombusazwe kumele asayinise abantu abaningi ukuze akwazi ukubamba iqhaza okhethweni kube wumdlalo omncane kuBuild One SA (Bosa).

Iqembu eliholwa ngowayengumholi we-DA uMmusi Maimane lithumele uhlu lwabantu ababasayinile abangaphezu kuka-140 000 kwi-Independent Electoral Commission (IEC) ngoLwesine okungaphezu kokuphindwe kabili kwinani ebelidingeka lokusayinwa kwabantu abangu-60 000.

Njengoba esayinise abantu abangaphezu kuka-140,000 kanye nemikhankaso yokhetho ezweni lonke abanayo, uMaimane uthe umgomo weBosa wokuthola amavoti ayisigidi okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba ungenzeka.

Kuzoya ngobuningi babantu abavotayo, lokho kungafinyelela cishe ku-5% wesabelo sikazwelonke sevoti futhi kulingane nezihlalo ezingu-20 kwisiShayamthetho Sikazwelonke.

“Kusaka manje kuya okhethweni iBosa izoqasha izigijimi (champions) eziyinkulungwane ezizongena umuzi nomuzi emiphakathini ukuze ziqinisekise ukuthi sihlanganisa abantu,” usho kanje.

“Njengoba sifisa ukuthola amavoti angaphezu kwesigidi. Uma sikwazi ukusayinisa abantu abangaka lindela kuze kube usuku lokhetho. Sizonikhombisa abantu baseNingizimu Afrika abazimisele ngokuvotela iBosa,” kusho uMaimane ngaphandle kwekomkhulu le-IEC eCenturion.

I-Rise Mzansi okuyiqembu elisha kwezepolitiki nayo yenze okufanayo obekufunwa yi-IEC futhi izongenelela ukhetho kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye.

Iqembu elasungulwa ngowayeyintatheli yezamabhizinisi ophinde waba ngumhleli wephephandaba, uSongezo Zibi, othe basayinise abantu abangu-112 000 futhi bakhokha u-R750 000 ku-akhawunti ye-IEC okuyimali ye-deposit yokhetho.

Ngesonto eledlule umholi weChange Starts Now uRoger Jardine umemezele ukuthi iqembu lakhe ngeke libambe iqhaza okhethweni ngenxa yesibalo sabantu okumele babasayinise okuyinto edingekayo ukuze amaqembu ezepolitiki amasha abhalise kwi-IEC.

Amaqembu amaningi amasha athe lokhu akulungile emaqenjini ezepolitiki amasha ngoba amaqembu akhona akudingekile inani labantu ababasayinisile.

Isibalo sabasayiniwe iBosa neRise Mzansi sidlula amavoti angu-78,000 atholwa i-UDM okhethweni lwango-2019.

Amanye amaqembu asePhalamende yize ethole amavoti ambalwa kubalwa i-African Transformation Movement (76,000), iGood (70,000), i-African Independent Congress (48,000), iCope (47,000), iPAC (32,000) ne-Al Jama-ah (31,000).

Isithombe esingenhla: Umholi weBosa uMmusi Maimane ophezu komkhankaso wokutholela iqembu lakhe amavoti ayisigidi.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva