Ibanjiswe ama-AK47 inkabi eboshwe ngokusocongwa kweNkosi noNdlunkulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Lo msolwa kuthiwa uboshwe izolo esesitokisini eGauteng nalapho ebhekenenkhona namanye amacala okubulala kanti kuvela nokuthi usebaqedile abantu ezindaweni eziningi zakuleli.

Lo msolwa uboshwe ngecala lokusoconga Inkosi uSphamandla Khumalo noNdlunkulu wakwakhe uThuthukile Khumalo ababulawa ngoMfumfu ka-2023 belibangise emcimbini wesizwe seNkosi uBokang Molefe eNquthu.


Kulesi sigameko kuthiwa kwasinda indodana yabo eyayineminyaka emine kanti yatholwa iphila, ingenamyocu kodwa ilele kwidamu legazi labazali.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe umsolwa uboshwe uphiko lwePKTT kanti idokodo beliyingxenye yalawa angu-121 athathwa nalwelwa uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.

“Umsolwa ubevele esesitokisini ngamacala amathathu okubulala abantu ababili okubwalwa nePhoyisa eKagiso eGoli. Utholwe nama-AK47 amathathu okutholakale ukuthi eyodwa ithinteka ekubulaweni kweNkosi ukhumalo koNdlunkulu wayo. Ubuye abandakanyeke kwamanye amacala okubulala amaningana ezindaweni ezahlukene eNingizimu Afrika okubalwa naseRichardsbay,” kusho uNetshiunda.

Umngcwabo weNkosi uKhumao noNdlunkulu wasusa uhlevane kubaholi beNdabuko ababevuthela uHulumeni ngoba bemsola ngokuthi ukubukela phansi ikuphepha kwabo.
Babekhala ngokuthi osopolitiki bagixabezwa ngenqwaba yabaqaphi kodwa uma kuziwa emakhosini nasezinduneni kuyathuleka bese kulokhu kubizwa imihlangano engapheli yokuxoxa ngokubulawa kwabo.

UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ukushayele ihlombe ukuboshwa komsolwa, wancoma nokusebenza ngokuzikhandla kophiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki iPKTT ngomsebenzi eliwenzile.
Unxuse nomphakathi ukuthi nawo usukume uma kunalezi zigameko ,ubike abasolwa emaphoyiseni.

Izihloko zakamuva