I-Safa isixoshe uNtseki

Linda Ximba

Njengoba bekulindelekile, i-South Africa Football Association isimxoshile umqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki.

Lokhu kulandela ukuhlulwa ngeSonto ngo 2-0 yiSudan ekuhambeni, okwaholela ekutheni iqembu lesizwe eliphezulu lehluleke ukudlulela phambili kwi-Africa Cup of Nations ngowe-2021.

Iqembu lesizwe belidinga ukudlala ngokulingana nje kuphela ukubekisa indawo kowamanqamu e-Cameroon ngoMasingana nangoNhlolanja ngonyaka ozayo.

Esithangamini nabezindaba izolo e-Safa House e-Nasrec, isikhulu esiphezulu se-Safa uTeboho Motlanthe ukuqinisekisile ukuthi iqembu lesizwe selihlukene nalowo owayengumqeqeshi we-SA Under 17.

“Isinqumo sithathwe ngabo-10 ekuseni. Lesi kube yisinqumo se-NEC,” kusho uMotlanthe.

Ngenkathi uNtseki ethatha izintambo kuStuart Baxter ngoNcwaba ngowe-2019 abaningi babona ukuthi ukungabi namava kwakhe ezingeni lomhlaba kuzoba yinkinga futhi abaningi babona i-Safa ikhetha yena ngoba wayengabizi.

Ngesikhathi esaphethe, uNtseki wabhekana nezinselelo ezinzima njengokukhanselwa kwemidlalo yobungani eyayihlelelwe iZambia kanye neMadagascar ngoMandulo ngowe-2019 kanye nobhubhane lomhlaba oluphazamise amalungiselelo emidlalo yobungani. IBafana Bafana yadlala imidlalo emine kuphela ngonyaka owedlule okwenze kwaba nzima ukwakhiwa kweqembu nokuhlanganisa indlela ababezodlala ngayo.

Inkinga enkulu ifike ngoLwesine olwedlule ngesikhathi uNtseki, ngaphambi komdlalo wase-Ghana, bekumele adlalise iqembu lakhe ngaphandle kwabadlali bakhe abethembayo ngemuva kokuthi i-Fifa iyalele ukuthi abadlali baphesheya kwezilwandle akudingeki badedelwe ukuze bedlale imidlalo kazwelonke.

UNtseki ushiya iqembu enerekhodi lokunqoba kane, ukuhlulwa kathathu kanye nokudlala nemidlalo emibili ngokulingana.

Phakathi kwalabo okukhulunywa ngabo njengozothatha indawo kaNtseki ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela amaqembu eNdebe yoMhlaba ngowe-2022 kukhona uPitso Mosimane, uBenni McCarthy kanye no-Eric Tinkler.

Umthombo wesithombe: @BafanaBafana

Izihloko zakamuva