I-NFP engcupheni yokungalungeneli ukhetho 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Iyaqonga ingcindezi eqenjini elasungulwa owayenguSihlalo we-IFP kuzwelonke uNkk Zanele KaMagwaza Msibi njengoba selisalelwe izinsuku ezingu-14 ukuba libhalisele ukungenela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoNhlaba.

Lokhu kulandela ukuthi abaholi baleli qembu beqale phansi ingxabano yezikhundla njengoba sebezebafakana enkantolo ePhakeme  yaseMgungundlovu bebanga ingqungquthela kazwelonke eyayingoZibandlela eThekwini yokukhetha ubuholi.

UMnuz Mawethu Mosery weKhomishana eziMele yokhetho utshele iScrolla.Africa ukuthi  uma usuku lokhetho selushicilelwe kwigazethi sekuyobe kuphelile ngamaqembu abesafisa ukungenela ukhetho.

“I-NFP izoba nezinsuku ezingu-14 zokuba ibhalisele ukungenela ukhetho uma usuku lokhetho selushicilelwe kuGazethi kaHulumeni. Amanye amaqembu angakaze abhalise ku-IEC awasavumelekile ukusindela ngoba kuyobe sekuvaliwe,” kuchaza uMosery.

Uthe abangene ezingxabanweni ze-NFP ngoba ezangaphakathi eqenjini futhi abafuni ukuzihlanganisa noma ukuphawula ngombango wabo.

UNobhala Jikelele we-NFP uMnuz Teddy Thwala uqinisekisile ukuthi amaphepha afakiwe enkantolo futhi nekomiti lezokhetho ku-NFP liyichithile inkomfa yangoZibandlela ngoba yayinomgunyathi.

“Ichithiwe leyo ngqungquthela ngoba yayinobugebengu. Nami kwebiwe imininingwane kamazisi bayozama ukubhalisa ngayo iqembu kwa-IEC ukuze lingenele lolu khetho esiya kulo ekubeni bazi ukuthi ubuholi bethu sebuhlakaziwe,” kusho uThwala.

UMengameli we-NFP uMnuz Ivan Barnes uthe abathakathi laba abafaka iNFP enkantolo ngoba bengafuni ingenele ukhetho futhi bafuna ukuhlaza okaMagwaza Msibi ngisho esesethuneni.

“Sinethemba lokuthi noma belifakile icala kodwa sizokwazi ukuhambisa imininingwane kwa-IEC ukuze singenele ukhetho,” kusho uBarnes.

Ukusho lokhu nje kuthe ngoLwesihlanu usuku lokhetho lafakwa kuGazethe kaHulumeni yashaya isivalo sokugcina sokuthi kasekho osazokwamukelwa ukungenela ukhetho .

I-NFP yagileka ngo-2016 ngesikhathi abaholi bayo sebethi bayokhethweni kanti iqembu alikhokheliwe.

Izihloko zakamuva