I-Manchester City ithandazela isimangaliso kule mpelasonto

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Sports Editor

I-Manchester City izothandazela ukuthi i-Everton ephansi etafuleni ihlule i-Arsenal emdlalweni we-Premier League ngempelasonto.

Njengamanje uPep Guardiola neqembu lakhe basele ngamaphuzu amahlanu kubaholi beligi i-Arsenal esenomdlalo owodwa okumele iwudlale.

Futhi kule mpelasonto yonke ingxenye eluhlaza okwesibhakabhaka yase-Manchester izothemba ukuthi ukufakwa komqeqeshi omusha we-Everton kungenza umehluko othile.

USean Dyche uqokwe njengompqeqeshi omusha we-Everton ngemuva kokuthi uFrank Lampard exoshwe ngesonto eledlule.

I-Everton ihlezi endaweni yesi-19 etafuleni – iwine imidlalo emithathu kuphela kwengu-20 kuze kube manje. Iqembu lase-Merseyside lidinga isimangaliso.

Kodwa ebholeni kungenzeka noma yini futhi i-Arsenal izobe isaqalaza ingozi noma isefomini enhle.

Umdlalo ozoba phakathi kwe-Everton ne-Arsenal uzoba ngempelasonto ngo-2.30 ntambama ngoMgqibelo bukhoma esiteshini se-DStv 203.

Uma i-City ingena enkundleni ibhekene nezimbangi zayo i-Tottenham Hotspur ngeSonto, izowazi umphumela we-Arsenal – kodwa ingabe lokho kuzoyithinta?

Njengamanje i-Spurs ihlezi endaweni yesihlanu etafuleni futhi isethubeni lokungena kwi-Uefa Champions League.

Kodwa-ke, i-City idinga ukuwina futhi ibe namandla okuhlukumeza noma yini nanoma ubani oma endleleni yayo.

I-Spurs izobe ingenaye umqeqeshi wayo u-Antonio Conte othathe ikhefu ukuze ayokhishwa inyongo ekuqaleni kwaleli sonto.

I-City ne-Spurs zizophetha impelasonto ngeSonto ngo-6.30 ntambama ngomdlalo ozoba bukhoma esiteshini se-DStv 203.

Munye kuphela umdlalo we-United Rugby Championship kule mpelasonto – kodwa mkhulu. AmaSharks azokwamukela amaStormers eThekwini ngoMgqibelo.

Emhlabeni wonke lona ngomunye umdlalo we-URC osezingeni eliphezulu, kodwa kubalandeli bakuleli kufana nomdlalo wamanqamu we-Currie Cup wezinsuku zakudala. IKwaZulu-Natal izoba ibhekene nesifundazwe sase-Western Cape. Abaqeqeshi ababili abahlonishwa kakhulu kwi-URC bazobe bebhekene ezinhlamvini zamehlo. UNeil Powell uzobe ebhekene noJohn Dobson. Kuzoba umdlalo ongenakho ukuqagela.

Lo mdlalo uzoqala ngehora lesibili ntambama ngoMgqibelo bukhoma eziteshini ze-DStv 201 no-211.

Kuzoba kubi emlandweni uma omunye wemidlalo emithathu ye-Six Nations ungangahamba kahle. I-Ireland kufanele ishaye i-Wales, kodwa okwamanje ungamhleki uWarren Gatland we-Wales. ULeigh Halfpenny uhoxile ngenxa ye-spasm emhlane futhi manje ngeke sazi ukuthi kuyinhlekelele noma isibusiso kwi-Wales.

Umdlalo uzoqala ngo-4.15 ntambama ngoMgqibelo.

INgilandi kufanele ishaye i-Scotland. Kodwa iNgilandi kaSteve Borthwick izobe ihleleke kanjani? Ngaphandle kwezinguquko eziyisishiyagalombili kwiNgilandi sizothola ukuthi uMarcus Smith okwinombolo yeshumi uma enokaputeni u-Owen Farrell maphakathi kuyasebenzeka yini. Lo mdlalo uzoqala ngo-6.45 ntambama.

I-France izoshaya i-Italy – ngaphandle uma iqembu lase-France lingadikibala esiwombeni sesibili. Futhi uma uKieran Crowley wase-New Zealand enganikeze iqembu lakhe lase-Italy into eyodwa kuzoba umoya wokulwa. Umdlalo wokugcina uzoba ngeSonto ngehora lesihlanu ntambama.

Le mpelasonto akuyona eyezoso zenyama eningi nobhiya – lena impelasonto yelombhoxo.

Yonke le midlalo izoba bukhoma eziteshini ze-DStv 201 no-211.

I-Orlando Pirates izobhekana neMamelodi Sundowns eqhwagele phezulu etafuleni ngoMgqibelo ntambama.

ISundowns isemzuliswaneni wokuwina imidlalo engu-14 futhi ihlezi kahle phezulu etafuleni ngamaphuzu angu-21.

I-Pirates isendaweni yesine futhi iya kulo mdlalo njengeqembu elingadlali kahle, kodwa ukuwina kwayo kungase kuyenze ilingane ngamaphuzu ne-Richards Bay esendaweni yesibili.

Lo mdlalo uzoqala ngo-3.30 ntambama ngoMgqibelo bukhoma esiteshini se-DStv 202.

Esithombe esingenhla: I-Manchester City ezobhekana ne-Tottenham Hotspur

Umthombo wesithombe: Manchester City

Izihloko zakamuva