I-EFF isolwa ngokuhlukumeza amanye amaqembu ezingxoxweni zomfelandawonye eKZN

Celani Sikhakhane

Kusolwa i-EFF ngokubhidlika kwezingxoxo zomfelandawonye phakathi kwayo ne-IFP kanye ne-ANC eKZN. 

I-EFF ibifuna ukunikwa izikhundla zobumeya nezosomlomo komasipala abaningi abaseKZN, okuyisicelo esicike i-IFP nabaholi be-ANC.

“I-EFF ibifuna ukuphatha uMasipala wase-Newcastle ongezinye zezizinda zomnotho eKZN. Kube inhlekelele yingakho i-ANC inqume ukusebenzisana ne-IFP,” kusho omunye umholi ongathandanga ukudalulwa igama.

USihlalo we-EFF esifundazweni, uMnu uVusi Khoza, uzichithile lezi zinsolo. Uthe i-IFP ne-ANC abafuni ukusebenzisana ngoba basaba ukuthi bazodalula izenzo zabo zenkohlakalo komasipala.

“Sifuna ukwazi ukuthi kuwubuxhwanguxhwangu yini uma sifuna ukuthi kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, noma sicela ugesi wamahhala kwabahola impesheni nama-sanitary towels kwabesifazane?” Kusho uKhoza.

“Lawo maqembu abengafuni ukubambisana nathi ngoba engafuni ukuthi i-EFF isondele emandleni ngoba esaba ukuthi izodalula inkohlakalo yawo.

Uthe umfelandawonye we-ANC ne-IFP uwuphawu lokuthi la maqembu womabili ngeke athenjwa ngisho nangowezi-2024.

Uthe uma umkhandlu uqala ukuhlala kuzoba nezimanga eziningi ezingaholela ekutheni kuqokwe amakhansela e-EFF njengezimeya.

“Iningi labamele la maqembu bendawo abeneme neze ngamalungiselelo abo,” kusho uKhoza.

Izihloko zakamuva