I-DA ithi isikhulu sezempilo eGauteng sikhokhelwe ngemuva kophenyo lwasesibhedlela iTembisa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

ULerato Madyo ushiye uMnyango wezeMpilo eGauteng ngomhlaka-31 kuNtulikazi ma-2024 ngemuva kokuhlukana okuvunyelwene nenkokhelo eyimfihlo.

UDkt Jack Bloom weDA uthe uMadyo umiswe iminyaka emibili ehola ngokugcwele wathola imali elinganiselwa ku-R3 million ngaphambi kokushiya.

I-DA ithe uMnyango wezeMpilo eGauteng udukise umphakathi ngokuthi lowo owayeyisikhulu esiphezulu sezimali wawushiya kanjani umsebenzi.

UNgqongqoshe wezeMpilo e-DA eGauteng uDkt Jack Bloom uthe uMnyango watshela umphakathi ngoNcwaba ka-2024 ukuthi uLerato Madyo wesulile esikhundleni.

Kodwa uNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uNomantu Nkomo Ralehoko ukuqinisekisile empendulweni ayibhalele isiShayamthetho saseGauteng ukuthi uMadyo akazange asule.

Impendulo kaNgqongqoshe iveze ukuthi uMadyo wahamba ngomhlaka-31 kuNtulikazi ka-2024 ngemuva kokwehlukana okwavunyelwana ngakho. Zombili izinhlangothi zisayine isivumelwano sokunxeshezelwa okuyimfihlo. Umnyango wenqabile ukusho ukuthi uMadyo uthole malini.

UBloom uthe isinxephezelo sigunyazwe ngumphathi wamabhuku ezimali futhi iHhovisi likaNdunankulu labikelwa.

UMadyo ubebhekene namacala okuqondiswa izigwegwe ahambisana nezinkontileka ezisolisayo esibhedlela saseTembisa. Lezo zinkontileka zimakwe ngumphenyi uBabita Deokaran ngaphambi nje kokubulawa kwakhe ngo-2021.

UDeokaran uxwayise uMadyo ngomlayezo kaWhatsApp. “Ngiyakubingelela ekuseni CFO, ngikhathazekile ngokuthi abantu baseTembisa bazobona ukuthi kukhona esikuzamayo. Izimpilo zethu zingaba sengozini,” kubhala uDeokaran.

UBloom uthe uMadyo uqale wavala u-R104 million wenkokhelo ehambisana nezinkontileka kodwa wabuye wayivumela ukuthi idlule.

Uthe uMadyo umiswe iminyaka emibili ehola ngokugcwele, wathola imali elinganiselwa ku-R3 million ngesikhathi ukuqondiswa kwakhe izigwegwe kwabambezeleka.

“Esikhundleni sokuthi kuphothulwe lolu phenyo okungenzeka ukuthi luthinta abanye nokwaholela ekutheni abekwe amacala obugebengu, ushiye nempesheni yakhe nemali engakadalulwa,” kusho uBloom.

I-DA ivulele uMadyo amacala kanti izophusha ukuthi le sinqumo senziwe esidlangalaleni.

UNkomo Ralehoko uthe uMnyango “awazi lutho ngokungahambi kahle mayelana nalolu daba.”

Esithombeni esingenhla: UBabita Deokaran, owaxwayisa izikhulu mayelana nezinkontileka ezisolisayo zeSibhedlela saseTembisa ngaphambi kokubulawa kwakhe ngo-2021.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva