I-DA ithembisa abantu base-Eastern Cape impilo encono

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

“Usizo lusendleleni, kodwa kumele uluvotele” lesi kube isethembiso somholi we-Democratic Alliance (DA) uJohn Steenhuisen kubantu base-Eastern Cape ngesikhathi kwethulwa umqulu weqembu wesifundazwe e-Gqeberha ngoLwesithathu.

I-DA ithembise “ukuhlenga” abantu bakulesi sifundazwe “kuhulumeni okhohlakele, ongenandaba nogcwele ubugebengu” ukuze babuyise isithunzi sabo.

Uhlelo lweqembu olunamaphuzu ayisikhombisa lugxile ekulweni nobubha, ubugebengu kanti futhi liqhakambisa nokudala amathuba emisebenzi kwabangasebenzi.

Ekhuluma nabalandeli be-DA e-Gelvandale Hall e-Gqeberha, eNorthern Areas, umholi wesifundazwe u-Andrew Whitfield uthe baningi abantu abangasebenzi, ababulawe yindlala noma babulawe e-Eastern Cape kunakwezinye izifundazwe.

“Sizotakula i-Eastern Cape siphinde siguqule izimpilo zabanye abantu abampofu kakhulu esifundazweni sethu sibanike ithuba nekusasa lapho amathemba namaphupho abo angafezeka khona,” kusho uWhitfield.

Usole uhulumeni oholwa yi-ANC ngokuhlezi elulaza abantu bakulesi sifundazwe ngokubafaka ngaphansi kwesimo esingesihle.

USteenhuisen utshele abalandeli be-DA ukuthi leli qembu yilona kuphela ithemba labo.

“Likhona ithemba, ithemba liyabonaka, ithemba yi-DA,” kusho uSteenhuisen.

Okubalulekile futhi okuhamba phambili kulo mqulu wokhetho wukuqeda ubumpofu.

Leli qembu lithi lizokwenza:

• Izinhlelo zokukhuphula izibonelelo zikahulumeni kanye nokwethula isibonelelo sikahulumeni sabafuna umsebenzi.

• Lizodala amathuba emisebenzi ngokugxila ekwakheni umnotho wesifundazwe.

• Lizolwa nobugebengu obunodlame ngokwengeza amalungu amaningi amaphoyisa emphakathini.

• Lihlose ukuqeda ukuthunyelwa kwamakhadre (labo abathola umsebenzi ngokuba izithenjwa zeqembu).

• Lizoqeda izinkinga zamanzi nogesi.

• Lizoqinisekisa ukuthi abafundi bayakwazi ukufunda ukuze baqonde abakufundayo besesebangeni lesine.

•Lizoqinisekisa ukunakekelwa kwezempilo okuseqophelweni eliphezulu kuzo zonke izakhamizi.

Esithombeni esingenhla: Umholi we-DA uJohn Steenhuisen ekhuluma nabalandeli beqembu e-Gelvandale Community Hall, e-Gqeberha ngoLwesithathu.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva