I-DA isale ngaphandle kwikhabhinethi entsha yaseGauteng 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Isifundazwe sase-Gauteng sesinomkhandlu omusha. 

NgoLwesithathu ebusuku uNdunankulu uPanyaza Lesufi umemezele ikhabhinethi yakhe entsha yesifundazwe. Yakhiwe ngoNgqongqoshe abayishumi – abayisikhombisa abe-ANC, nabathathu be-RiseMzansi, i-PA kanye ne-IFP. 

Isimemezelo sikaLesufi siza ngemuva kwamasonto amaningi omdonsiswano wezikhundla phakathi kwe-DA ne-ANC. I-DA imemezele ngoLwesithathu ntambama ukuthi iyahoxa ezingxoxweni ngemuva kokuthi zombili izinhlangothi zihlulekile ukuhambisana nezimfuno zazo.  

I-DA ifune ukuthi izihlalo eziyishumi zabiwe ngokulingana ngokwesabelo sevoti iqembu ngalinye elitholile, kodwa i-ANC yabanika ezintathu kuphela. 

Ngesikhathi kumenyezelwa ikhabhinethi entsha uLesufi uthe bameme futhi bahlangana nazo zonke izinhlaka ukuze zibe yingxenye yoHulumeni woBumbano lwesiFundazwe. 

“Inhloso yethu bekuwukuqinisekisa ukuthi akekho ozosala ngaphandle, ngaphandle uma ezikhethela. 

“Sibashiya ngaphandle abanye ngenxa yezimo zezepolitiki kodwa umnyango wethu uhlala uvulekile futhi abafuna ukusijoyina bangangena.”

ULesufi uthe umsebenzi wekhabhinethi entsha wukuqeda ubugebengu, inkohlakalo kanye nokungabi namthetho. 

Umthwalo wokulwa nobugebengu unikezwe ihhovisi likandunankulu. 

“Asikwazi ukunikela isifundazwe sethu ezigebengwini futhi asikwazi ukwesaba izithunzi zethu noma siguqule imizi yethu ibe amajele ngoba nakhu izigebengu zenza umathanda. 

“Sizosebenzisa ubuchwepheshe, ukusungula izindlela ezintsha kanye nokwandisa isibalo sabasebenzi ukulwa nobugebengu ngqo,” usho kanje. 

Amalungu ekhabhinethi afungiswe yiJaji uLebogang Modiba ngemuva nje kokuthi uLesufi enze lesi simemezelo. 

ONgqongqoshe kuhulumeni wesikhombisa yilaba abalandelayo:

UBonginkosi Dlamini – UNgqongqoshe we-E-Government (IFP)

UFaith Mazibuko – UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi (ANC)

UJacob Mamabolo – UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweNgqalasizinda kanye  noMnyango wezokuBusa ngoku-Bambisana neziNdaba zoMdabu (ANC)

ULebogang Maile – UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho (ANC)

UMatome Chiloane – UNgqongqoshe wezeMfundo, ezeMidlalo, ezokuNgcebeleka, ezobuCiko namasiko (ANC)

UNomantu Nkomo-Ralehoko – UNgqongqoshe wezeMpilo (ANC)

UKedibone Diale-Tlabela – UNgqongqoshe wezokuThutha (ANC)

UTasneem Motara – UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu (ANC)

UVuyiswa Ramokgopa – UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya (RiseMzansi)

USheila Peters – UNgqongqoshe weMvelo (PA)

Kumanje i-DA ibambe isikhundla sokuba yiphini likaSomlomo kwiKhabhinethi yesifundazwe. 

Esithombeni ngenhla: UNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi. 

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva