I-CHIEFS IMANGAZWA YI-RICH BOYS

Menzi Magubane

I-Kaizer Chiefs imoshile ikhishwa kowe-Nedbank Cup emzuliswaneni wokuqala ngeSonto. iRichards Bay ebizimisele iphumelele ngokunqoba i-Chiefs ngamagoli amabili kwelilodwa enkundleni yezemidlalo i-FNB.

I-Richards Bay, edlala kwi-GladAfrica Championship, iyikilabhu elisezingeni lesibili elingakaze liyinqobe indebe enkulu eminyakeni emine likhona.

Amakhosi asedlale namaqembu aqhamuka esigabeni esiphansi amahlandla angama-26 kanti kwaba ukuhlulwa kwawo okwesithupha, okokugcina yayihlulwe eminyakeni emibili edlule kowamanqamu, bedliwa yi-TS Galaxy eyayidlala kuFirst Division ngaleso sikhathi.

I-Chiefs ibinamathuba amaningi okushaya amagoli nokunqoba lo mdlalo kodwa kube yijezi laKwaZulu-Natali ebelihola phambili ekuhlaseleni okokuqala ngqa.

UThabani Dube uthole igoli ngomzuzu wama-29 ngemuva kokuvikela okubudedengu be-Chiefs.

Amakhosi bekufanele adlule eshoda ngomdlali oyedwa ukuze abuyise isigqi sawo.

USiphosakhe Ntiya-Ntiya uthole imiyalo yakhe yokumasha ngemuva kokuthola amakhadi amabili aphuzi amtholele ikhadi elibomvu. Ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalolunye ekhishwe ngekhadi elibomvu, uLeonard Castro ushaye igoli lokulinganisa ephuma ebhentshini.

Umgadli obambele uSiyabonga Vilane nguyena othayisele usizi kuMakhosi ngokushayela izivakashi igoli lokunqoba esikhathini esingeziwe sikanompempe. Umqeqeshi we-Natal Rich Boys, uSimo Dladla, uthe i-Chiefs idlalele ngqo ezandleni zabo.

Umqeqeshi we-Chiefs odumazekile uGavin Hunt wehlulekile ukuzibamba wadumala wathi: “Besimosha. Sibe ngcono, sasebenza kancane. Kudingeka ukuba sishintshe ikhona ngandlela thize.”

“Angikaze nginqotshwe eqenjini eligijima esigabeni sokuqala eminyakeni engama-27. Ngabaxwayisa ngaleli qembu,” kusho uHunt.

Umqeqeshi we-Richards Bay uSimo Dladla uthe: “Bekunzima kuthina. Kodwa sibaphoqile ukuthi bacabangisise kahle futhi uhlelo lwethu lusebenzile. I-Chiefs iyiqembu elikhulu futhi iningi labafana bami lenza abadlali bavela kabi. Kodwa bekufanele ngibenze baqonde ukuthi lo mdlalo bewumkhulu kangakanani kithi futhi besidinga ukuwunqoba,” kusho uDladla.

Lokhu kwehlulwa kwe-Chiefs kusho ukuthi kungenzeka kuphele enye isizini bengayitholanga indebe futhi kungenza ukuthi kube amasizini ayisikhombisa elandelana ngaphandle kwesiliva uma kwenzeka behluleka ukuphakamisa i-DStv Premiership.

Eminye imiphumela

I-Orlando Pirates 1-0 UThongathi; I-Chippa United 1-0 i-Free State Stars; i-Jomo Cosmos 1-2 i-Emuva Leopards; I-Swallows 1-0 i-Cape United; I-Cape Town City 4-0 i-Bloemfontein Celtic; i-JDR Stars 2-1 i-Pretoria University FC; i-TS Galaxy 8-10 i-TS Sporting; I-Maritzburg United 2-1 iSekhukhune United; I-Pretoria Callies 1-0 i-Royal AM