Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Iyaveva i-ANCYL yasesifundeni i-Josiah Gumede oThukela evukela iPhini le Meya yasoKhahlamba ngoba ilisola ngokuthi ligweve namathuba emisebenzi kumasipala kunalokho liphendlela izihlobo zalo.
Lolu phiko lukhiphele abezindaba isitatimende likhononda ngoNksz Nothile Shabalala limsola ngokuthi selokhu angena akayigqiziqakala intsha.
Okhulumela i-ANCYL esifundeni i-Josiah Gumede, uMnuz Lindokuhle Maphalala uthe akukho okwaziwa uNksz Shabalala ngaphandle kokubukwa ngenqwaba yabaqaphi.
“Sesikhale kaningi ngaye ngakho sidonsa ubuholi besifunda iJosiah Gumede ngendlebe ukuthi uma behluleka ukubhekana naye nokumthathela izinyathelo sizozibambela mathuba kuye.
“Lo muntu unguSihlalo wekomoti lenqalasizinda kodwa intsha akayibhekeleli ngalutho kunalokho ubhekelela izihlobo zakhe. Sikhuluma nje udadewabo uyasebenza laphaya kwamasipala. Umfowabo umthathe wamenza umqaphi wakhe.
“Empeleni kade enabaqaphi abayisishiyagalombili njengamanje sebebalelwa kwabayishumi,” kukhalaza uMaphalala.
UNksz Shabalala ungene emkhandlwini wasoKhahlamba ngemuva kokhetho lwango-2021 nalapho uKhongolose wabanesivumelwane neqembu likaMnuz Vikizitha Mlotshwa okuyi-Apemo ne-NFP bathatha umkhandlu ngokubambisana.
UMlotshwa wenziwa iMeya kwathi uNksz Shabalala wenziwa iphini lakhe kwasekuthi uMnuz Zamlandela Khumalo weNFP waba nguSomlomo.
UNksz Shabalala utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubuholi bukaKhongolose bumeluleke ekutheni angaphawuli ngalolu daba.
“Bathe asikho isidingo sokuphendula ngoba angiyena umenenja kamasipala. Cishe impendulo ephelele nizoyithola kumenenja ngoba maningi amanga lapha. Ngoba uma ngiphendula ningahle nithi ngiyazivikela.,” usho kanje.
