Lubhalwe nguZukile Majova
Ikhansela le-Abantu Batho Congress (ABC) uPhilani Mavundla owakhaphela umfelandawonye wamaqembu aphikisayo ukusiza i-ANC ukuthi iqhubeke nokuphatha iTheku usephenduke inhlwa kwezombusazwe.
Kuthiwa uMavundla ongumngani omkhulu kalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma waxoxisananoZuma owamtshela ukuthi avote ne-ANC.
Isinqumo sakhe besibalulekile kangangokuthi ngezihlalo ezimbili nje, i-ABC yaklonyeliswa ngesikhundla sephini lemeya kulo masipala onesabelomali esingu-R55.5 billion.
Kodwa izinto azimhambeli kahle oyiphini lemeya.
NgoMsombuluko, uSomlomo uThabani Nyawose ukuqinisekisile ukuthi umhlangano womkhandlu ohlelelwe inamhlanje uzolalela isaziso esiphuthumayo sokukhipha uMavundla ekomitini eliphezulu.
Ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMavundla ne-ANC kungase kuphinde kuvivinye ukuqina komfelandawonye wamaqembu aphikisayo ahlanganiswe i-DA, i-EFF, i-IFP, i-ACDP kanye ne-ActionSA.
Ukwesekwa kwe-ANC kulesi sifunda kwehle kusuka ku-56% ngo-2016 kwaya ku-42% okhethweni lwangoLwezi nyakenye, kanti lokho kushiye leli qembu linezihlalo ezingu-96 kanye nezihlalo ezingu-16 ezishoda kakhulu.
Kodwa-ke, umdonsiswano kuzomele ulinde njengoba uMavundla eye eNkantolo eNkulu yaseThekwini eyophikisa umhlangano womkhandlu ohlelelwe ukumgudluza, wathi akulandelwanga imigudu efanele.
UMavundla uthe i-ANC ihlakaza umfelandawonye ne-ABC ukuze kuvikelwe iMeya yeTheku, uMnu Mxolisi Kaunda osegxekwe ngokwehluleka ukwakha kabusha ingqalasizinda kamasipala ngemuva kwezikhukhula ezicekele phansi ipayipi lendle.
UMengameli we-ABC naye uthi unesivumelwano nohulumeni we-ANC esizophelelwa isikhathi ngo-2026.
Naye uKaunda uzihlabile ezithi akasule esikhundleni ngemuva kokwehluleka ukuqinisekisa ukuthi amabhishi aseThekwini azohlanzeka futhi angabi ne-E coli ngesikhathi samaholidi alo nyaka.
Kulindeleke ukuthi iphunga elibi lilahlekisele ezokuvakasha zaseThekwini kanye namahhotela izigidigidi zamarandi.