Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UKhongolose uqoke omunye wabaholi bebandla lakwaShembe eBuhleni esigungwini sesikhashana saseKZN ukuze idlisele i-IFP ogageni nayo eholwa iNazareth.
UDkt Ngogi Mahaye noyisifundiswa esihlonishwayo, uqokelwe esigungwini esengeziwe sobuholi besikhashana nobusanda kumenyezelwa uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula eThekwini emasontweni edlule.
UBishop Vusi Dube we-ANC utshele iScrolla.Africa ukuthi uMahaye naye yibo bobabili abamele amabandla kulesi sigungu sikaKhongolose.
“Kuyinto enhle kakhulu lokhu okwenziwe uKhongolose ngoba kuyasikhumbuza ukuthi phela lo mbutho wasungulwa enkonzweni. Ngakho ukulanda abefundisi abafana noMahaye ukuzomela nenkolo yobuNazaretha kuyisinqumo esikhulu kakhulu ukubuyisa ukwesekwa kwenhlangano. Uyabona nje oHlabisa sesizobadlisela ogageni ngempelake manje ku-IFP ngamaNazaretha,,” kusho uDube.
UMahaye wazakhela udumo ngokukhiqiza abafundi bakamatikuletsheni abaphasa ngendlela eyisimanga eNkandla.
Lokhu kwaholela ekutheni uMnyango wezeMfundo ugcine usumlanda esikoleni wazomfaka esiFundazweni.
Ngaphandle kwalokho udlala indima enkulu nasebandleni lamaNazaretha ngokucobelelana ngolwazi nokunye.
