I-ANC izimisele ngokugqoka ushwishi lwabaholi ezikhundleni: Fikile Mbalula

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

I-ANC ithi isilikhuphulile izinga kubaholi bayo bakusasa phezu kokuba inqwaba yabo ibandakanyeka kwinkohlakalo nokukhwabanisa.

Ikhomishana ebhekelela ukuziphatha kwamalungu kwi-ANC eholwa uMfundisi uFrank Chikane isidalule abantu abangu-97 abangenzanga kahle besezikhundleni kanti abanye abangaphezu kuka-60 basazoqondiswa izigwegwe. 

NgoMsombuluko kuhlale umhlangano wobuholi obuphezulu be-ANC nozakwabo eBirchwood Hotel eBoksburg lapho kuphothulwe khona uhlelo lohlu lwamalungu angase abe ngamalungu ePhalamende nezishayamthetho ezahlukene.

Zisuka nje, lolu hlelo luphazanyiswe ngamalungu ophiko lwe-ANC angomakadebona beqembu abathi umphakathi usuphelelwe ithemba ku-ANC ngenxa yokubonakala kwayo ibekezelela inkohlakalo ngaphakathi eqenjini.

I-ANC inesinqumo esiqinile sokuthi noma ngubani obhekene necala kumele ahoxe kunoma yisiphi isikhundla ehhovisi likahulumeni kuze kube utholwa emsulwa inkantolo.

Nokho omakadebona abeneme ngalokhu bathi lesi sinqumo asiqinile ngokwanele.

Inqwaba yabantu abathintekayo  ekulawulweni kombuso kodwa abangakabekwa amacala ngabashushisi bangena ngokunyenya esigungwini esiphezulu seqembu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngoZibandlela ngo-2022.

Lokhu kwavula indlela yokuthi  babe iziMeya, oNgqongqoshe namalungu ePhalamende  nakuba bethinteka emacaleni enkohlakalo ahlukene.

Njengoba ukushushiswa kwabantu abathintekayo kwikhomishini yokulawulwa kombuso kuhamba kancane, amalungu athintekayo ayaqhubeka nokuba sezikhundleni aphike ngokuthi awabekwanga amacala ngokusemthethweni, okwehlisa isithunzi seqembu.

Amehlo azobe ethe njo kulowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Kgalema Motlanthe onguSihlalo wekomidi lokhetho le-ANC ozohola ingqungquthela yokukhipha uhlu.

Amalungi e-ANC asebemnkantshubomvu abalwa enkohlakalwemi owayenguNqgongqoshe wezempilo uZweli Mkhize; uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uZizi Kodwa, IPhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, ezaManzi nokuThuthwa kweNdle uDavid Mahlobo kanye nowayenguNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo.

Ikhomishana ebhekelela ubuqotho bamalungu eqembu ikhiphe phambili uMengameli Cyril Ramaphosa ngezinsolo ezithinta udaba  lwePhala Phala  noNgqongqoshe wezokuMbiwaphansi namandla uGwede Mantashe noNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana, bobabili ababesolwa ngenkohlakalo.

Kodwa kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule iPhini likaMengameli uPaul Mashatile uke wathinteka enkohlakalweni, kanti uNobhala weqembu uFikile Mbalula yena usolwa ngokuhlomula ngendlela engafanele kwa-lottery. 

NgoMsombuluko uMbalula uthe: “Kulokhu izinga libekwe phezulu kanti kuhambisana neziqu. Iningi labantu abasohlwini lwe-ANC baneziqu abazithola sebeqede umatikuletsheni kanti bakufanele ukusebenza kwiziShayamthetho.”

Osesithombeni esingenhla: UFikile Mbalula.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva