Lubhalwe nguZukile Majova
Njengoba sekusele izinyanga ezimbili kube nokhetho lukazwelonke, i-ANC kudingeke ukuthi ibuyekeze umqulu waya wezithembiso wokhetho ukuze ifihle ukwehluleka kwayo ekuqedeni inkinga yokucishwa kukagesi.
Phambilini, i-ANC ibinesiqiniseko sokuthi ukucishwa kukagesi kuzobe kuyinto esiwumlando uma izwe selivota okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba.
Kodwa inkinga yokucishwa kukagesi akuzange kukhulunywe ngayo kumqulu wezithembiso zokhetho obunamaphuzu ayisithupha aseqhulwini okubalwa nokuvuselelwa kwezimboni ukuze kuthuthukiswe umnotho.
Umqulu wezithembiso zokhetho othulwe enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini ngoMgqibelo ubungenalo uhlelo olucacile lokuqeda inkinga kagesi kuleli, okuhlanganisa nokushoda kwegesi.
Ngekota yokugcina ka-2023 uNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa waqinisekisa isigungu esiphezulu se-ANC ukuthi ukucinywa kukagesi kuzophela ngoZibandlela nyakenye.
Yingakho uMengameli Cyril Ramaphosa ehambele izwe lonke etshela imiphakathi eyahlukene ukuthi uyaqhubeka umsebenzi wokuqeda ukucinywa kukagesi.
“Sibeke uhlelo olucacile lokuqeda ukucinywa kukagesi, ebesilokhu silusebenzisa ne-National Energy Crisis Committee,” kusho uRamaphosa.
UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula utshele isizwe ukuthi ukucinywa kukagesi kuzophela ngokhisimusi ka-2023.
Ayizange iphele kodwa izwe langena esigabeni sesithupha sokucinywa kukagesi ngesonto lokuqala likaMasingana kulonyaka.
UMbalula wazama ukuzivikela ngemuva kwengcindezi yabezindaba.
“Ngabe ngiphethe u-Eskom? Ngazi kanjani ukuthi ukucinywa kagesi kuzobuya namuhla noma kusasa? Engikushoyo yilokhu okufunwa yi-ANC okuwukuphela kokucishwa kukagesi.”
Kodwa kungani i-ANC yayizethemba kangaka ngokuqeda ukucishwa kukagesi?
NgoMfumfu ngo-2023, ukucishwa kukagesi kwakushintshashintsha phakathi kwesigaba sokuqala kanye nesigaba sesithathu kanti u-Eskom ubusezinhlelweni zokubuyisa amayunithi amane aphehla ugesi eKusile Power Station eyayeka ukusebenza kusukela ngoNcwaba ka-2022.
Lokhu bekuwukwengeza u-3,200 MW ku-grid, okulingana nezigaba ezintathu zokucisha ugesi.
Kusukela ngoMandulo nangoMfumfu amayunithi abebuya ngaphambi kwesikhathi, lokhu kwaqinisekisa izikhulu eziphezulu ze-ANC ukuthi ukucisha kukagesi angeke kube yinkinga enkulu okhethweni luka-2024.
“Njengamanje singena kwelinye izinga,” kusho uKgosientsho etshela isithangami sabezindaba ngaleso sikhathi. “Ngasho esithangamini sethu sokugcina ukuthi amayunithi aseKusile azoba semqoka kakhulu ekuxazululeni le nkinga. Ngamafuphi nje azosisiza ukuthi sinciphise izinga lokucishwa kukagesi.” esho kanje.
Njengamanje iLuthuli House ayifuni ukukhuluma ngodaba lokucishwa kukagesi.
Isithombe esingenhla: Ukwethulwa komqulu wezithembiso zokhetho we-ANC.
Umthombo wesithombe: X
