I-ANC iphakamise uBathabile Dlamini noVusi Dube kwesobuMeya

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-ANC engaphansi kwesiFunda iMoses Mabhida eMgungundlovu isiphakamise owayenguMengmeli we-ANCWL ,uNksz Bathabile Dlamini kanye noBishop Vusi Dube waseThekwini Community Church ekutheni bangenele isikhundla sokuba iMeya yaseMsunduzi.

Amagama alaba baholi bobabili aphakanyiswe kuleli sonto njengoba uKhongolose uvule ithuba lokuba inhlangano namalunga omphakathi baphakamise abantu ababona bengaba iziMeya zomasipala abakhulu kuleli.

Le nhlangano ithi ayikhethile ukuthi kuyoze kube umuntu onobulunga beqembu okumele kufoloswe ngaye.
Ngaleyo ndlela ithi ivulela ithuba noma ngabe osomabhizinisi,abaholi beNdabuko, abaholi bezenkolo nabanye abaneqhaza emphakathini ukuthi bangenele ubuMeya ngaphansi kwale nhlangano.

Lokhu kuzobe kungaqali ukwenzeka njengoba ngonyaka ka-2016 iMsunduzi yaqoka uMnuz Themba Njilp ongusomabhizinisi kodwa akahlalanga isikhathi eside esikhundleni njengoba washeshe wazicelela ukuphuma maphakathi nonyaka ka-2017 ngoba zasezimnetha.

Kuthiwa waphuma ngoba ayehlushwa abanye abaholi bakaKhongolose ababefuna amathenda ngenkani kwamasipala.

Ngaphandle kwalokho uDube osephakanyiselwe kulesi sikhundla, ubeyilunga lesiShayamthetho isikhathi eside kusuka ngonyaka ka-2009 kodwa kuthe ngemumva kokhetho lwangonyaka ka-2024,akabange esabuyela ngenxa yokuthi uKhongolose washawa izinombolo.

Emasontweni edlule umenyezelwe njengelunga lesigungu esiphezulu sesikhashana kuKhongolose KwaZulu-Natal.

UBathabile Dlamini yena uphakanyiswa nje, wayekade enguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli kodwa wagcina esesenkingeni ngezinsolo zenkohlakalo ekuqokweni kweNkampani eyayibhekele ukuholelwa kwezibonelelo kwaSassa.
Usule ngonyaka ka-2018 ePhalamende ngemumva kokuthi uMengameli uCyril Ramaphosa emshiye ngaphandle kukhabhinethi.

UDube uthe usewazwile amahlebezi okuthi igama lakhe liphakanyiselwe esobuMeya eMsunduzi.

Izihloko zakamuva