I-Action SA izigwaze ngowayo kwesobuNdunankulu eGauteng

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

I-ActionSA isanda kulaxaza ithuba elihle lokujulikisa i-ANC empini yokuqoka uNdunankulu wase-Gauteng.

Lisungulwe nguHerman Mashaba ongomunye wezimeya ezidumile zaseGoli, izimpande zaleli qembu kanye nokwesekwa kwalo okukhulu kuse-Gauteng.

Ngakho besithembe ukuthi iqembu lizokuthathela phezulu ukunqoba isifundazwe.

Akugcini lapho, maningi amathuba okuthi umfelandawonye wamaqembu aphikisayo ufune ozongenela esobuNdunankulu ngemuva kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

UMashaba unomlando omude kanye nerekhodi elihle lokusekela iziqu zakhe.

UFunzi Ngobeni, oqokelwe isikhundla sikaNdunankulu we-ActionSA e-Gauteng, uyinhlanzi encane kuleli zinga lepolitiki.

Futhi akayilutho uma eqhathaniswa noNdunankulu wase-Gauteng wamanje, we-ANC uPanyaza Lesufi.

Ngisho noma amaqembu aphikisayo engenza ukuthi i-ANC ivotelwe ngaphansi kuka-50%, uNgobeni angeke abe ngowokuqala ukukhethwa ngabantu kunoSolly Msimanga we-DA.

UMsimanga usevele ungumholi wamaqembu aphikisayo esiShayamthetho sase-Gauteng kanti phambilini ubeyimeya kamasipala wase-Tshwane odle izigidigidi zamarandi.

Isinqumo sokuqoka uNgobeni sithathwe yize amanye amalungu aleli qembu abethi uMashaba makube nguyena oqokwa njengoNdunankulu.

Nokho bekunovalo lokuthi umqhudelwano uzodala izinhlangothi ezihlukene noma uqhekeko eqenjini ngaphambi kokhetho lukazwelonke lokuqala.

Njengoba uMashaba ephumile embangweni, umholi we-EFF uJulius Malema umile kwelokuthi iqembu lakhe linomuntu ozongenela ukhetho onamandla kunoLesufi okunguDkt Mbuyiseni Ndlozi.

UNdlozi uyilungu lePhalamende elinabalandeli abaningi abayintsha emnyama ezinhlanganweni ezahlukene zepolitiki.

Khonamanjalo, uLesufi uphokophele phambili ngohlelo lwakhe oludumile lokwakha inqwaba yama-transformer amasha emalokishini aseduze nesifundazwe.

Amakhulu ama-transformer antshontshiwe, acekelwa phansi noma aqhunyiswa yizinyokanyoka ezixhunywa emizini yabantu  ngokungemthetho.

UMashaba uyilungu lesobumengameli we-ActionSA futhi nakanjani uzowina isihlalo njengelungu lePhalamende.

Leli qembu lithole amavoti angaphezu kuka-550 000 ngemuva kokungenela ukhetho lomasipala komasipala abayisithupha kuphela. Lokho kusho ukuthi kunamalungu angu-13 ePhalamende likazwelonke namuhla.

Izihloko zakamuva