USihle Mavuso ukulethela ezinohlonze KwaZulu-Natal.
KwaDukuza – Uphenyo ngosonkontileka abathola amathenda ohlelweni luka-R1.2 billion lokulungiswa komgwaqo kuMasipala waKwaDukuza ophethwe yi-ANC, luveze ukuthi kukhona okungahambi kahle. Lezi zinkampani zaqokwa ukuthi zilungise imigwaqo eyalinyazwa yizikhukhula. Kodwa-ke kukhona izinto ebezisolisa, okwenza abe-ActionSA bacele uMcwaningi-mabhuku ukuthi aphenye ngalezi zinsolo kanti usekuqinisekisile ukuthi kunezingqinamba kanye nokukhwabanisa.
EMzito– Abasebenzi bezikole ezifundisa ukushayela eMzinto eNingizimu yaKwaZulu-Natal bathukuthele bayaveva ngemuva kokuthi uMasipala waseMdoni ophethwe yi-ANC uvale i-testing ground. Le ndawo bekuhlelwe ukuthi ivalwe kusukela ngomhlaka-5 kuya kumhlaka-9 kuNhlolanja ngo-2024 ngenxa yezinkinga zokusebenza. Nokho cishe ngemuva kwamasonto amabili, isikhungo esimatasa sisavaliwe. USihlalo wenhlangano yabanikazi besikhungo sokufundela ukushayela, uMnuz Lulu Memela, uthe lokhu kuphazamise amabhizinisi abo futhi umasipala awubatsheli ukuthi yini ngempela eholele ekutheni kuvalwe isikhathi eside kangaka.
EMbazwana – Umtapo wolwazi womphakathi waseMbazwana uvaliwe emasontweni amabili edlule ngemuva kokuthi umphakathi ungene embhidlangweni wodlame. Amalungu omphakathi asola ukuthi abasizi abahlanu abaqashwe ukusebenza emtapweni wolwazi abasibona abasendaweni yakwaMhlabuyalingana njengoba kwakubhalwe ngesikhathi kukhangiswa amathuba omsebenzi. Bafuna baxoshwe kufakwe abantu bendawo abangasebenzi.
Estcourt –Babhekene necala lokubulawa kuka kukaMthokozisi Sithole, owayengumholi we-IFP e-Estcourt eMidlands KwaZulu-Natal bavele okokuqala enkantolo kulandela ukuboshwa kwabo kanti bagqunywe esitokisini. USithole ubulawe cishe emasontweni amathathu edlule, nokuqubule ukwesabela ukuthi kungase kubuye udlame lwezepolitiki kuleya ndawo njengoba kuza ukhetho.
Isithombe esingenhla: Inkundla yokuhlola abashayeli evaliwe eMzinto eningizimu neKwaZulu-Natal.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
