Ezihamba phambili KwaZulu-Nayal: I-DA ikhala ngenkohlakalo ngodaba lwamanzi

Intatheli uSihle Mavuso ukulethela ezinohlonze kwelikaMthaniya.

ENewcastle – I-DA izwakalise ukukhathazeka mayelana nokuhamba kancane kokwakhiwa kwedamu lamanzi iDry Cut Reservoir elibiza u-R78 million eNewcastle. Leli damu bekumele ngabe laqedwa ngo-2022 ukuze lisebenze elokishini elinabantu abaningi Osizweni. Ngenxa yokwehluleka ukuqeda lo msebenzi, leli lokishi selibhekene nezinselelo zamanzi ezilokhu ziphindaphindeka. I-DA ithe izolwa nalol udaba njengoba kubonakala kugcwele inkohlakalo odabeni lwalo.

EMgungundlovu– IKwaZulu-Natal iphoqeleke ukuthi ihlehlise isikhumbuzo seminyaka engu-110 sokukhothama kweSilo uDinuzulu kaCetshwayo. Lesi sinqumo silandela inkulumo kaNdunankulu weSilo samabandla, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi oveze ukuthi iSilo esikhona njengamanje, uMisuzulu kaZwelithini angeke siwuthamele umgubho wesikhumbuzo ozoba ngeSonto KwaCeza ngasoLundi. UButhelezi uthe usuku lwakhethwa ngaphandle kokuxoxisana neSilo. Uhulumeni wesifundazwe oholwa nguNdunankulu uNomusa Dube-Ncube usubhalele uNdlunkulu kaZulu emazisa ngokuthi isikhumbuzo sihlehliselwe umhlaka-16 kuNdasa. Uqhube wathi ubengazi ukuthi iNdlunkulu inomkhuleko obuhlelwe ukukhumbula iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu owakhotha ngoNdasa ka-2021.

ERichards Bay – I-EFF KwaZulu-Natal ayineme ngokumiswa kwakamuva komgqugquzeli wesifunda iKing Cetshwayo iNkosi uMbuyazi njengekhansela edolobheni laseMhlathuze oholwa yi-IFP. I-EFF ithe ukumiswa kwakhe ngaphandle kokuthola umholo wakhe kuyisenzo sepolitiki sikamasipala kanti izokushaya indiva ukumiswa kwakhe futhi uMbuyazi uzoqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe womkhandlu.

EMelmoth – Umasipala waseMthonjaneni enyakatho neKwaZulu-Natal usuveze ukuthi uyasinyusa isibalo sabaqaphimpilo (lifeguards) endaweni yokubhukuda esanda kuvulwa ngemuva kokuminza komuntu oyedwa oneminyaka engu-28 ubudala. Umasipala uthe izingane ezingaphansi kweminyaka eyishumi zizogadwa abazali noma abanye abantu abadala. Indawo ejulile izombozwa ngamanethi futhi abantu abazobhukuda kuyona bazogadwa kakhulu esikhathini esizayo. Indawo yokubhukuda isavaliwe okwesikhashana, kodwa amalungu omphakathi azokwaziswa uma isisebenza futhi.

Esithombeni esingenhla: I-DA ihlola umsebenzi wokwakhiwa kwedamu lika-R78 million eNewcastle.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva