Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: UMsunduzi angase uhoxise uxhaso lweRoyal AM

USihle Mavuso ukulethela ezihamba Phambili kwelikaMthaniya

EMgungundlovu- Lusengcupheni uxhaso luka-R27 million lweRoyal AM olwenziwa yi-ANC ngaphansi koMsunduzi (Mgungundlovu). Isinyathelo sokuthi kubuyekezwe lesi sivumelwano siqhamuke kwincwadi ethunyelwe kubasebenzi ngoLwesithathu kuleli sonto njengoba umasipala ufuna ukunqanda izindleko kulandela ukushoda kwemali. Imemo ayizange icacise ukuthi yiziphi izivumelwano zoxhaso ezizobuyekezwa. Uthe umkhandlu uzothatha izinyathelo ezinqala ukumisa lonke uxhaso abangasakwazi ukumelana nalo. I-DA iyasiphikisa isivumelwano soxhaso kanti isivele ilufake enkantolo udaba ukuze luchithwe.
Ottawa – Iyashuba impi yezikhala zokufundisa ezikoleni KwaZulu-Natal. Abanye othisha asebenesikhathi eside belaxazwa ngemuva kokusebenza iminyaka engaphezu kweshumi bayanqaba ukushiya izikhundla zabo. NgoLwesihlanu uthisha okuthiwa ulahlwe uThishomkhulu wasesikoleni samabanga aphansi e-Ottawa enyakatho yeTheku ubuyile ezofundisa ekilasini lakhe. Nokho kuthiwa uThishomkhulu wathi akahambe. Lo thisha ohlale kulesi sikole kusukela ngo-2013 utshelwe ngoLwesithathu ukuthi inkontileka yakhe ayikavuselelwa uMnyango wezeMfundo eKZN.

EGreytown – Umholi we-ABC (Abantu Batho Congress), uPhilani PG Mavundla ukuchithile okushiwo nguNobhala we-ANC esifundazweni eKZN, uBheki Mtolo ukuthi umbuso wakwaZulu awuqinile futhi ungawohloka. Nokho uMavundla uthe kumele anikeze uMtolo isifundo kwezomnotho. Uthe izizwe ezifana neSwazini zinabantu abawu-1.2 million sezizuze ubuzwe futhi zaphumelela njengoba zingenazo izindawo zokuhlala nabantu abangenamakhaya. UMavundla uthe ubukhosi bakwaZulu obunabantu abangu-16 million kanye neDurban Harbour, bungaphumelela kalula uma bubuswa kahle.

Vryheid – Uphumile umbiko obulindelwe ngabomvu ngophenyo olwethulwe mayelana neMenenja kaMasipala emisiwe kuMasipala waseBaqulusi (Vryheid) ophethwe yi-IFP. Umbiko uphakamisa ukuthi axoshwe uZweli Dlamini. Kodwa-ke, umsebenzi wokuxoxa nokugunyazwa manje usulele kumkhandlu ozohlangana ngesonto elizayo. UDhlamini wamiswa ngoMfumfu nyakenye ngemuva kwezinsolo zokuthi waqoshwa etshela umhlangano wabasebenzi ukuthi i-IFP iyagxambukela ekuqashweni kwabasebenzi emahhovisi epolitiki.

Esikhawini – Abaphathi baseSikhawini TVET College enyakatho ne-KZN baphoqeleke ukuthi babize izingxoxo nomkhandlu omele abafundi (SRC) ngemuva kokuthi abafundi abaholwa yi-EFF Student Command bedube ukufunda bangenela isiteleka. Abafundi bethule uhlu olude lwezikhalazo. Phakathi kwalezi zikhalazo ukuthi akukho ukudla okwanela abafundi, abanye abafundi abayitholanga imali yezibonelelo zabo kuNSFAS kanti ikolishi kumele liphoqe abanye abanikazi bezindlu ukuthi bathuthukise izindawo zokuhlala abafundi.

Isithombe esingenhla: IRoyal AM.​

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva