Ezihamba phambili KwaZulu Natal: Umholi wentsha ye-ANC usekuMK Party

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya.

Umzimkhulu – Owayeyilungu lesigungu esiphezulu sophiko lwentsha ye-ANC odabuka eMzimkhulu eningizimu yaKwaZulu-Natal ulaxaze i-ANC wajoyina iqembu loMkhonto Wesizwe (MK) Party eliholwa owayenguMengameli uJacob Zuma. Encwadini yakhe yokwesula uMkhuseli Mlengane obeyilungu leqembu elibusayo iminyaka engu-20, uthe: “Njengomdansi onekhono siyafika isikhathi sokushiya inkundla. Uqhube wathi uhamba ngenhliziyo ebuhlungu njengoba ubuholi obukhona be-ANC buziphathe ngendlela exakile. Uthe ubeyisisulu senhlangano abeyithanda.

Amaoti – Ompompi baphinde boma qweqe endaweni yaseMnqobokazi, enyakatho yeTheku. UMengameli uCyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi enze umkhankaso wokungena umuzi nomuzi kule ndawo namuhla. I-Scrolla.Africa ivakashele kwaMnqobokazi cishe ngo-11:00 ngoLwesihlanu yafica ompompi bomile, kungaphumi manzi. Nokho bekunezimpawu zokuthi amanzi asanda ukubakhona. Isakhamuzi sithi bebenamanzi ekuseni, kodwa ngokuhamba kwesikhathi aphela. Le ndawo kanye namanye amalokishi asenyakatho sekuneminyaka bebhekene nenkinga yamanzi.

EThekwini– Uphiko lwezeMpilo kumasipala weTheku luvale indawo edayisa ukudla okusheshayo iFrendo’s Chicken emgwaqeni uDkt AB Xuma (Commercial) enkabeni yedolobha laseThekwini ngemuva kokuba yephule imithetho eminingi yezempilo futhi ingenawo amarekhodi okuqeqeshwa ukuphatha ukudla kanti ibingenaso isitifiketi sokulawula izinambuzane, indawo yokudonsa amanzi inenkinga, indawo okungena kuyo umoya incane kanye negumbi lokugcina impahla belisetshenziswa njengendawo yokulala.

EPhoenix – OKlebe babophe abesilisa abathathu basePhoenix ngesigameko sangomhlaka-12 kuNhlolanja kulo nyaka sokudubula owesilisa nendodana yakhe eneminyaka engu-10 ubudala erobhothini eliku-Old North Coast Road ngaseRedhill eThekwini. Owesilisa waphuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlane indodana yakhe yayingalimele. Ngemuva kwezinyanga ezimbili oKlebe bakwazile ukuxazulula leli cala ngesikhathi bebopha uYasseen Essop (35), uRyne Naidoo (27), noManuel Naidoo (45). Ababili bokuqala babhekene necala lokuzama ukubulala kanti uManuel yena ubekwe icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Emajuba – Umasipala wesifunda saseMajuba enyakatho ne-KZN uthe usuphothule umlenze wokuqala wokwenza isabelo-mali ngokuphatha imibukiso ye-Integrated Development Plan. Lezi yizinyanga ngaphambi kokuthi isabelomali sika-2024-25 siqale ngoNtulikazi. Emikhankasweni yawo lo masipala ukhiphe isizumbulu sesabelomali ukuze uxazulule izinkinga zamanzi nokuthuthwa kwendle komasipala baseDannhauser naseMadlangeni okuyisikhungo esibhekelele ezamanzi. Umasipala wesifunda uphinde ubeke isabelomali sokunciphisa ukulahleka kwamanzi komasipala bendawo ababili.

Esithombeni esingenhla: UMkhuseli Mlengane kwesobunxele oseshiye i-ANC wajoyina i-MK Party.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva