Ezihamba phambili KwaZulu Natal: Umasipala we-ANC wehlulekile ukulungisa umgodi owavuleka ngezikhukhula

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya.

Umlazi – Izakhamuzi zaselokishini laseMlazi eduze kwenxanxathela yezitolo KwaManyadu zithi ukwehluleka kukaMasipala weTheku ophethwe yi-ANC ukulungisa umgodi kubeka impilo yezingane zazo engcupheni. Ibhuloho lezinyawo lacekeleka phansi. Umgodi okomunye wemigwaqo eseduze nenxanxathela yezitolo kanti wavuleka ngesikhathi sezikhukhula ngoMbasa ka-2022 futhi usalokhu unjalo naphezu kokuvela kwezintambo eziyingozi kuwo. Isakhamuzi sithe kufike usonkontileka wamba wabe esehamba. Ngenxa yalokho amanzi aphuma kumgodi asedlulela ezindlini zabantu.

King Shaka Airport – IDube Tradeport esikhumulweni sezindiza eKing Shaka International Airport ithi yenze izinhlelo zokulawula ukuphazamiseka okungaba khona ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabasebenzi abangu-112 abangaphansi kwenyunyana iNehawu esizoba ngomhlaka-24 kuMbasa. Inyunyana ibize isiteleka ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo zokunikwa kwabasebenzi isheke (13th) IDube Tradeport ithe bavumelene nenyunyana ukuthi kube nendawo eqokiwe abazoteleka kuyo ukuze baqinisekise ukuthi abantu bayangena eTradeport futhi baqinisekise ukuthi isikhumulo sezindiza asiphazamiseki.

EThekwini- Ikhansela le-ANC kuMasipala weTheku elizwakale lisabisa abasebenzi be-EPWP ngokungenzi umkhankaso wokungena umuzi nomuzi, selivikele amazwi alo. Lezi zinkulumo zenziwe ngenkulumo eqoshiwe ayifaka kuWhatsApp group. Ikhansela uMzo Mngonyama uthe abasebenzi babizelwe ukuzoqhuba umkhankaso wokungena umuzi nomuzi ngaphansi kwe-Operation Good Hope engaphansi komsebenzi kamasipala. Uthe lo msebenzi ubandakanya abasebenzi be-EPWP okumele bangene umuzi nomuzi ukuze bashiye izikhwama zikadoti. Uthe: “Asishodi ngamavolontiya e-ANC emawadini ningeza ngelinye ilanga nibabone besebenza.”

ENkandla – UMasipala waseNkandla uphokophele phambili nezinhlelo zawo zokuba yisizinda esikhulu esidayisa izimbuzi emazweni aseNingizimu ne-Afrika. Izolo umasipala unikezele ngemishini yokuqala nezimbuzi ezindaweni ezahlukene ukuze kuthuthukiswe izinhlelo zokufuya izimbuzi. Lokhu kulandela ucwaningo lwangonyaka odlule lukamasipala wesifunda iKing Cetshwayo owathola ukuthi iNkandla inesimo sezulu esikahle kanye nezitshalo ezifanele zokufuya izimbuzi. Umasipala wesifunda ucele umasipala wendawo ukuthi ufake igalelo lawo ukuze bakwazi ukuqala umsebenzi wokulima.

ENdwedwe – Kushone uThishomkhulu wesikole samabanga aphansi iSogidi kanye nomunye wothisha bakhe engozini yemoto njengoba bebesendleleni beya eNdwedwe education centre. Abanye othisha ababili balimele baphuthunyiswa esibhedlela. Lesi sikole sisendaweni yaseNsuze eqhele ngamakhilomitha angu ngu-200 ukusuka eStanger.

Isithombe esingenhla: Ibhuloho elicekeleke phansi laseMlazi nomgodi umphakathi okhala ngalo.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva