USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya
EMgungundlovu- INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesine izolalela isicelo esiphuthumayo esifakwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi sokuthi luhlehliswe lonke ukhetho lokuchibiyela esifundazweni futhi lubanjwe ngemuva kokhetho lukazwelonke lwangomhlaka-29 kuNhlaba. Uma inkantolo ingawukhipha lo myalelo ukhetho lokuchibiyela lwaseMzumbe obelulindelwe ngabomvu obekumele lube ngomhlaka-24 kuMbasa luzomiswa. Lapha i-ANC ibhekene nowayenguSomlomo wayo, uMnuz Sbonelo Maphumulo waseMzumbe osejoyine yilungu leMK Party. Olunye ukhetho lokuchibiyela olungase lumiswe uma inkantolo ivuma luhlanganisa olwaseNewcastle lapho i-IFP ifuna ukuhlwitha iwadi ku-ANC iqinise isandla kumasipala.
EHluhluwe – I-Ezemvelo KZN Wildlife kanye ne-WWF South Africa sebeqale uhlelo lokususa izimpondo zobhejane ukuze kunqandwe ukubulawa kobhejane. Uhlelo lokukhipha izimpondo lugxile eHluhluwe-iMfolozi Park enyakatho neKZN. Kobhejane abangu-325 abalahlekile ngenxa yokuzingelwa ngo-2023 e-KZN isiqiwi esivelele silahlekelwe abangu-307 kubo. Isikhulu esiphezulu se-Ezemvelo uSihle Mkhize sithe nakuba lolu hlelo lubiza kakhulu njengoba ludinga ukuthi kuphindwe into eyodwa phakathi kwezinyanga ezingu-18 kanye nezingu-24, kanti iyona ndlela kuphela abanayo ukusindisa izilwane ezisengozini yokushabalala.
ELadysmith – Amalungu omndeni wakwaGamede eMnambithi abulawe ngempelasonto azofihlwa ngeSonto elizayo. Kwabulawa uSizwe Gumede nomama wakhe uNorah Gamede. Kukholakala ukuthi ukubulawa kwabo kuyingxenye yezimpi zamatekisi eziqhubekayo kusoseshini waseKlipriver njengoba uSizwe esembonini yamatekisi. USizwe ubesondelene kakhulu noMnuz Bhekuyise Masondo owayengusihlalo kasoseshini owabulawa nonogada bakhe ngonyaka odlule. Ngesikhathi ebulawa uSizwe ubehambisa umama wakhe obebuya emsebenzini. Abantu abangaziwa ababehlomile bazithele phezu kwabo ngasemahhovisi akwa-RTI ngaku-R103 obheke enkabeni yedolobha laseMnambithi.
eThekwini – UMasipala weTheku usucele izakhamuzi ukuthi zisebenzise amanzi ngokuwonga kulezi zinsuku ezinhlanu ezizayo ukuze amadamu akwazi ukugcwala futhi. Umasipala ophethwe yi-ANC obubhekene nenkinga yokunqanyulwa kwamanzi nogesi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uthe isidingo samanzi esikhona manje sedlula ukuhlinzekwa kwezidingo. “Lokhu kuzokwenza ukuthi amadamu edolobha agcine egcwele futhi lokho kuzosiza uMngeni-uThukela ukuthi kuphinde kugcwale amadamu awo amaningi. Izindawo ezisenyakatho, eziphakathi nendawo, eningizimu nasentshonalanga yedolobha zihlangabezana nokunqamuka kwamanzi noma ukuhlinzekwa kwamanzi ngezikhawu,” kusho isitatimende sikamasipala namuhla.
EThekwini- Lowo owayenguMengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma uxwayise amalungu eMK Party aze kuleli qembu ngoba efunaizikhundla kuleli qembu ngeke azinuke. UZuma utshele umhlangano obuseThekwini ngoMsombuluko ukuthi zonke izinhlaka zikhona okwesikhashana futhi basebenzisa zona ukuqoka abantu. Uqhube wathi kuyamxaka ukuthi abanye abaholi bazame ukwenqaba uma sebecelwa ukuthi badedele abanye bahole. Ngokwamaminithi omhlangano abonwe ngabakwa-Scrolla.Africa, uZuma utshele umhlangano ukuthi amalungu asuke emele izikhundla akhululekile ukulishiya iqembu abuyele ku-ANC lapho ukulwela izikhundla kuwusiko.
Esithombeni esingenhla: AbakwaGamede bebesebenzisa le moto ngesikhathi bebulawa ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe