USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya
Eshowe -Becasulwe yisinqumo se-FNB sokumisa izimali eziphumayo kwi-akhawunti yaloyo owayenguMengameli uJacob Zuma, iqulu lamalungu eMK Party liqhinqe ngaphandle kwegatsha lebhange elikhulu eShowe, enyakatho neKwaZulu-Natal. Ngokwesaba isiphithiphithi izikhulu zaleli bhange zazisa amaphoyisa afike ngokuphuthuma ukuzohlakaza isixuku esigcine sihambile. EShowe kunamahhovisi eMK Party njengoba ebhaliswe ku-database ye-ANC futhi aqhele ngamakhilomitha angu-80 ukusuka emzini kaZuma eNkandla.
OLundi – ISilo samaBandla uMisuzulu KaZwelithini usebumbe ikomidi laMakhosi angu-10 noNdlunkulu kaZulu elizobheka udaba lukaNgqongqoshe uSiboniso Duma lokuhlwitha umbhobho uMfundisi uThulasizwe Buthelezi ngoMgqibelo KwaCeza. Leli komidi lizobe liholwa yinkosi uSifiso Shinga waseSouth Coast. Mayelana nesigameko uqobo lwaso, iSilo samaZulu sichaze ukuziphatha kukaDuma ngokuthi akwamukelekile futhi kukhombisa ukungahloniphi ubuntu base-Afrika. Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe egameni leSilo ngoLwesihlanu. Ngaphezu kwalokho, iSilo sithe usiko lwamaZulu lugxile ekutheni abantu bavunyelwe ukuba baveze imizwa yabo. Ngakho-ke noma yisiphi isenzo esiphuca noma yimuphi umuntu ilungelo lakhe lokukhuluma kungakhathalekile ukuthi lowo muntu ukhuluma ngani noma isikhundla sakhe sithini siwukuhlasela izimiso zokuziphatha.
KwaNongoma – UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, useqinisekise abantu bakulesi sifundazwe ukuthi amaphoyisa azolivikela ilungelo labo lokuzihlanganisa nanoma yiliphi iqembu lezepolitiki. UMkhwanazi wenze lesi siqiniseko KwaNongoma emcimbini wokwethulwa kwekomidi elibhekelele ukungenelela kwamaqembu ezepolitiki KwaNongoma. Leli komidi kuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukubekezelelana kwezombusazwe, ukuthula kanye nokuzinza ngaphambi nangemuva kokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe oluzayo. UNongoma uhlonzwe ngamaphoyisa njengesizinda esinesibalo esiphezulu sokubulawa kwabantu kwezepolitiki nokungabekezelelani esifundazweni.
EChatsworth – Ukuvakasha kwethimba le-DA eliholwa nguChris Pappas okugadlwe ngaye njengoNdunankulu waKwaZulu-Natal, esibhedlela eRK Khan eThekwini kube nezinkinga ngesikhathi izikhulu nonogada bevimba ukungena kwabo. I-DA ithe izithunywa zivinjiwe ukuthi zingene yize bekunesaziso esibhalwe phansi phambilini. Leli qembu lithe lokhu kuvusa imibuzo ngokuthi yini ngempela efihlwa uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngaphansi kukaNgqongqoshe uNomagugu Simelane.
EMgungundlovu- Umjaho walo nyaka weComrades Marathon phakathi kweTheku noMgungundlovu uzoba nomzila omfishane kakhulu. Abagqugquzeli balo mjaho bathe uzoba ngu-85,91km, ucishe ube mfishane ngo-820m uma uqhathaniswa nowokugcina ngo-2019. Lokhu kungenxa yokuthi kulo nyaka lo mjaho kudingeke ukuthi ubhekane nokulungiswa komgwaqo okuqhubekayo eMlaas Road Interchange futhi uzoqhubeka kumzila onqamula ezindaweni iCleland nePelham, okuwumzila ofanayo nalowo osetshenziswe ngo-2013 nango-2015.
Esithombeni esingenhla: Amalungu e-MK Party ebhikisha ngaphandle kwegatsha le-FNB eShowe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
