Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: I-ANC ne-IFP bafuna ukugudluza uMavundla we-ABC

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya.

EGreytown – I-IFP ne-ANC bayizitha kwezombusazwe kodwa sebesungule umfelandawonye ongandile wokugudluza uPhilani PG Mavundla esikhundleni sokuba yiMeya kaMasipala waseMvoti (Greytown) KwaZulu-Natal. Amakhansela ala maqembu amabili ngokuhlanganyela asayine isiphakamiso sokuthi kukhishwe uMavundla kanye noSomlomo, uMfundo Masondo abangamalungu e-Abantu Batho Congress (ABC). Phakathi kwabasayine lesi siphakamiso kubalwa uNtombi Ngubane onguSihlalo we-ANC esifundeni Inkosi Bhambatha (Umzinyathi) oyiphini likaMavundla kwesobumeya. UMavundla utshele i-Scrolla.Africa ukuthi la maqembu womabili avukelana naye noMasondo ngoba ecele ukuthi kube nombuso waKwaZulu ozimele.

EBergville – Owesilisa owabulala intombi yakhe wase elahla isidumbu sayo emfuleni iNgconocisi eBergville eMidlands KwaZulu-Natal ngoLwesibili, kulindeleke ukuthi avele okokuqala enkantolo ngoLwesithathu ngomhlaka-17 kuMbasa. Umsolwa ufunwe umphakathi wasesigodini saseBethany wabe esenikezelwa emaphoyiseni. Kuthiwa isidumbu sikaKarabo Kubheka usilahle emfuleni ngethemba lokuthi sizoguguleka singaphinde sitholakale.

ENewcastle – Lowo owayeyiPhini leMeya kumasipala waseNewcastle, uMusa Shukela Thwala, ubhekene nempilo ejwayelekile njengekhansela uma isicelo sakhe senkantolo sokuhoxiswa kwakhe singaphumeleli. Lokhu kungemuva kokuthi amakhansela eNational Freedom Party nawe-African Transformation Movement efake isicelo sokuthi akhishwe esigungwini esiphezulu esithatha izinqumo. Ukususwa kukaThwala kuzodingidwa uma umkhandlu usuhlangana ngoLwesine ngomhlaka-18 kuMbasa.

EBabanango – Indlu yesizwe sakwaButhelezi eMcakwini eBabanango enyakatho neKwaZulu-Natal izoba nomcimbi ngoMgqibelo ngomhlaka-20 kuMbasa lapho izobe ihalalisela uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ngokuqokwa kwakhe njengoNdunankulu weSilo nesizwe samaZulu. UButhelezi, oyinzalo yeNkosi uPhungashe Buthelezi, umenyezelwe ngoMasingana ngesikhumbuzo sempi yaseSandlwana. INkosi uPhungashe yasebenzisana kakhulu neSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu.

EThekwini– Ihhovisi loMnyango wezaseKhaya okukhulunywa ngalo enxanxatheleni yezitolo ePavillion eThekwini lizovulwa ngokusemthethweni nguNgqongqoshe u-Aaron Motsoaledi ngoMsombuluko ngomhlaka-22 kuMbasa. Ihhovisi elisha enxanxatheleni yezitolo ematasa lizohlinzeka ngezinsizakalo zomazisi kanye nama-passport.

Esithombeni esingenhla: Kunezinyathelo zokususa iMeya yaseMvoti uPhilani PG Mavundla wenhlangano yabantu Batho Congress.

Umthombo wesithombe: USihle Mavuso

Izihloko zakamuva