Ezihamba phambili KwaZulu-Natal: I-ANC eKZN ilahlekelwe ngomunye umholi

USihle Mavuso ukulethela ezihamba phambili kwelikaMthaniya

ENewcastle – I-ANC esifundeni uMbuso Kubheka enyakatho neKwaZulu-Natal ilahlekelwe ngomunye umholi ovelele. Lokhu kulandela ukwesula kukaBrian Themba Thomo njengoNobhala wegatsha nelungu leqembu eGebhuza, okuyigatsha elinamandla. UThomo usule ngoLwesibili. Encwadini yakhe emfishane ayibhalele ubuholi besifunda uthe isinqumo sithinta yena futhi ngeke akwazi ukudalula ukuthi kungani ethathe lesi isinqumo. UThomo uqinisekise ukwesula kwakhe kwi-Scrolla.Africa namuhla ngemuva kokuthi lesi sifunda sizame ukulufihla lolu daba.

OLundi – Ushonele esibhedlela uBethuel Nxumalo ikhansela leNational Freedom Party (NFP) oLundi kanti ivoti lakhe belimqoka ekugcineni i-IFP ibusa. UNxumalo oshone namhlanje ekuseni wadelela iqembu lakhe elalihlangene ne-ANC wavota ne-IFP. Muva nje uMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes ubhalele umkhandlu wawuyalela ukuthi ukhiphe uNxumalo ethi akakwazi ukwenza umsebenzi wakhe njengoba egula. Ngaphambi kwalokho uNxumalo uphonsele inselelo ukususwa kwakhe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu waphumelela.

EMgungundlovu- Inkampani edayisela abantu izingulube isibhekene nokuvalwa ngemuva kokuthi iPretoria Asset Forfeiture Unit ithole incwadi egunyaza ukuthi kumiswe i-akhawunti yebhange elino-R4.3-million. I-AFU yafaka isicelo somyalelo ngemuva kokuthi iNational Consumer Commission iqale uphenyo ngesikhathi ithola izikhalo kubathengi ukuthi baqhuba i-Ponzi scheme (ibhanoyi). Ibhizinisi elizinze eMgungundlovu belidayisa ingulube ngo-R2,750. Ukubuyisela imali umtshali zimali uzokhokhelwa u-R550 ngenyanga izinyanga ezingu-12, futhi ngemva kwezinyanga ezingu-12, ingulube izobuyiselwa ekuhwebeni kwePiggy Farm.

ELindelani – Umphakathi waseLindelani usuphinde wabhekana nenkinga yokunqanyulwa kukagesi ngendlela engaqondakali. Ngokusho kwamalungu omphakathi atshele i-Scroll.Africa ngalolu daba, ugesi unqamukile ngoMgqibelo kanti kusukela lapho uMasipala weTheku ophethwe yi-ANC awukaze uwubuyisele. Izingcingo eziningi ebezibhekiswe kumasipala azisizanga ngoba awuzange ulungiswe. NgoNhlolanja lomasipala wahlala izinsuku ezingu-14 zilandelana ungenagesi baze benza umbhikisho onodlame kwaze kwaba umasipala uyabalalela.

KwaMhlabuyalingana – Kume izinto kuMasipala uMkhanyakude oholwa yi-IFP kulandela umbango wobuholi ngaphakathi eqenjini Abahlali BakwaMhlabuyalinga, elibambisene neNkatha. Ingxabano yobuholi kuleli qembu iqale ngesikhathi elinye lamakhansela alo lisayina ivoti lokungabethembi ubuholi okugqugquzelwa yi-ANC. Lokho bekuphambene neqembu lakhe elihlangene ne-IFP. Ikhansela likhishiwe kodwa laphikisana nokususwa kwalo, lafika enkantolo lawina.

Isithombe esingenhla: Ifulegi le-ANC.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva