Ezihamba phambili eKZN:Omunye wabasolwa kwelika-AKA kuthiwa wake wafuna ithenda ngenkani

USihle Mavuso ukulethela ezinohlonze kwelikaMthaniya.

EMkhomazi – Usomabhizinisi udalule ukuthi omunye wabasolwa ecaleni lokubulala u-AKA wake wagasela emhlanganweni okwakudingidwa kuwu iprojekthi ka-R1.2 billion yokwakhiwa kwedamu laseMkhomazi, wafuna unikikwa ithenda yonogada ngenkani. Ngokusho kukasomabhizinisi ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe, umsolwa kuthiwa watshela ababesemhlanganweni wango-2021 ukuthi uma engayitholi ithenda yonogada kuzofa umuntu. Ngemuva kweminyaka emibili ngoNtulikazi ngo-2013, uXolani Chamane owayeyisikhulu sengqalasizinda eMngeni-Uthukela Water Board futhi engomunye owabamba iqhaza kulo msebenzi, wadutshulwa wabulawa eThekwini.

EVryheid – Ilungu eliphezulu le-ANC eZululand lisinde esigamekweni sokudutshulwa okusolakala ukuthi sihlobene nepolitiki. UMnuz Lawrence Dube ophinde abe yikhansela laleli qembu kumasipala wendawo AbaQulusi (Vryheid) kudutshulwe imoto abehamba ngayo amahlandla ayisithupha ngesikhathi efika egcekeni lakwakhe kwenye yezindawo ezingaphansi kwedolobha ngoLwesine ebusuku. UDube uphinde abe nguSihlalo weSouth African National Civics Organisation (Sanco), uthathe izintambo ngemuva kokuthi abadla khezo lunye ne-ANC luxoshe lowo owayengumengameli uJacob Zuma emasontweni amabili edlule. UDube uvule icala emaphoyiseni eVryheid kanti iSanco inethemba lokuthi laba abebezama ukumdubula bazobanjwa maduze.

ENtuzuma – Amaphoyisa KwaZulu-Natal athi abophe abesilisa ababili abazame ukubulala iphoyisa ebelishayela eNewlands East ngoLwesine ebusuku. Iphoyisa likwazile ukuhlula abasolwa ngobugebengu laphinde lazilwela. Ngemuva kwalokho libe selisabalalisa imininingwane yemoto ebisetshenziswa abasolwa kanti babanjwe baboshwa eNtuzuma eThekwini. Kwenzeka lesi sigameko nje ngasekuqaleni kwaleli sonto amaphoyisa atholane nemvula yezinhlamvu ngesikhathi ezulazula elokishini elidume kabi KwaMakhutha eThekwini.

EThekwini – IMeya kamasipala weTheku uMxolisi Kaunda uthe isabelomali esibuyekeziwe sedolobha sika-2023-24 sibeka eqhulwini ukulungiswa kwengqalasizinda kanye nezinye izinto ezibalulekile. UKaunda uthe ngesabelomali esibuyekeziwe idolobha likhiphe u-R115-million ukuze kubhekwane nezinkinga zikagesi kanti u-R100 million uzohlinzekwa ukuze ubhekelele izinkinga zamanzi nokuthuthwa kwendle, ugesi kanye nokulungiswa kwemigwaqo. Ngaphezu kwalokho, uKaunda uthe kubekwe u-R100-million ukubhekana nomonakalo odalwe yizikhukhula ezihlasele idolobha ngoMasingana.

Isithombe esingenhla: Abasolwa ngokubulala u-AKA.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva